Ilole abalandeli iChiefs iveza ukuthi izomemezela izinguquko

Ilole abalandeli iChiefs iveza ukuthi izomemezela izinguquko
Ikomkhulu leKaizer Chiefs eliseNaturena, eSoweto
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs isuse okukhulu ukuqagela ngesikhathi ikhipha isimemo esibhekise kwabezindaba ithi abeze eNaturena ngoLwesine ekuseni ngoba inesimemezelo efuna ukusenza.

Kulesi simemo iChiefs ayichazanga izinto eziningi ngaphandle kokuthi ‘imema abezindaba eFNB Stadium la kuzokwenziwa khona isimemezelo ngezinguquko’.

Abanye bathi kuzomenyezelwa umqeqeshi omusha waleli qembu okulindeleke ukuthi kube ngu-Arthur Zwane.

Abanye bathi kuzokwethulwa abadlali abasha. Kodwa Impempe seyitholile ukuthi ngeke kube ngabadlali ngoba akukakaqedwa nabo.

Laba esibasayinile izinkontileka zabo namaqembu abakuwo azikakapheli ngakho akukakabi ngabayo ngokusemthethweni kuze kuphele uJuni.

Imizamo yeMpempe yokuthola ukuthi singani lesi simemezelo ayiphumelelanga kwazise umthombo wayo okuleli qembu bewungatholakali ocingweni.

FUNDA NALA: ISundowns ifuna oweRoyal AM, ingase iyinunusele ngabadlali

Nokho kukhona abahlawumbisela ekutheni isimemezelo ngeke sibe ngezindaba zeqembu kodwa zibe ngale nkundla esetshenziswa yiChiefs uma idlala ekhaya.

Impempe izoya kulesi simemezelo futhi izokwethulela konke okwenzekayo ezinkundleni zayo zokuxhumana bese ilandelisa ngombiko ogcwele ngokuhamba kosuku lwangoLwesine.

Omunye umthombo uthe kungenzeka kuzomenyezelwa abadlali abebevelele kuleli qembu ngenyanga kaMeyi kwazise sekumele ivale isizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.