Imali ibuyisele uHeric kwiChippa, phela ayiluthezi olumanzi

UVladislav Heric

OKADONGA GUMBI

Seyibuyise uVladislav Heric njengozophatha ithimba labaqeqeshi iChippa United esanda kuphoqeleka kudedela uLuc Eymael obeqashelwe lesi sikhundla.

Kwasuka omkhulu omsindo ngokuqashwa kuka-Eymael owayexoshelwe izinsolo zokucwasa ngebala eTanzania, okwamenza waba nyamanambana kuleli.

Yingakho ke kwaze kwangenelela ngisho iqembu lepolitiki i-EFF ekuphoqeni uSiviwe “Chippa” Mpengesi ukuthi amxoshe lo mqeqeshi waseBelgium, nagcina ekwenzile.

Kuthe ngoLwesithathu ekuseni iChippa yamemezela ukuthi seyiqashe uHeric ongowokudabuka eSerbia kodwa osehlale iminyaka eminingi kuleli.

Kuyacaca nokho ukuthi ukuqashwa kukaHeric kunokwenza nezimali kwazise kufanele ukuba ikhokhe kakhulu ku-Eymael seyinqamula inkontileka okwesibili.

Naye uHeric ubuyiselwe yimali kwazise wayefunge wagomela ethi ngeke aphinde ayisebenza kwiChippa ngenxa yendlela engenanhlonipho achithwa ngayo ngesikhathi ekhona okokuqala.

Wathi watshelwa ethi uyaphuma uya ejimini ukuthi akasale eseqoqa konke okungokwakhe ngoba usezophelezelwa aye esikhumulweni sezindiza ngoba usexoshiwe.

UHeric uzosiza uSiyabulela Gwambi okunguye obambe isikhundla sokuqeqesha kwiChilli Boys njengamanje. Izinto azimile kahle kanti ukushaywa kwabo yiBaroka ngoLwesibili emdlalweni weDStv Premiership kuyiphushele phakathi odakeni.

Nokho uMpengesi unethemba lokuthi uHeric uzoba yiqhawe elizokwazi ukubahlangula.
“UVladislav ungumuntu oyaziyo impumelelo yaleli qembu njengoba asiwinisa iGladAfrica Championship ngesizini ka-2013/14.

“Siyamamukela eqenjini futhi siyazi ubuchule bakhe buzosisa kakhulu ethimbeni labaqeqeshi kule midlalo eyisishiyagalombili esele. Sifuna ukuqeda endaweni ehloniphekile kule sizini,” kusho uMpengesi ngokuqasha kwakhe uHeric.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.