Imali yiyo eyimpande yengxabano ngomjaho wokuhlonipha uMandela

Imali yiyo eyimpande yengxabano ngeMandela Marathon
Abasubathi abebegijim iMandela Marathon ngo-2018
Alfred Ngubane

Sekuvele obala ukuthi imali yiyo ebe yimpande yengxabano phakathi kweKwaZulu-Natal Athletics, iMandela Foundation, umasipala waseMgungundlovu, iHammersdale Athletics Club ne-Edendale Athletics Club.

Ngokuthola kweMpempe ngesinye sezikhulu zeKZN Athletics esingavumelekile ukhuluma nabezindaba, inkosi uMandla Mandela ukhononda ngomnyango wezokubusa nobuholi bendabuko nomasipala waseMgungundlovu.

Kuthiwa uthi osopolitiki basebenzisa igama likamkhulu wakhe uNelson Mandela ukudla imali yena nomndeni wakwaMandela bangatholi ngisho indibilishi.

“Uthi bagcina ngokugitsheliswa amabhanoyi ekubeni osopolitiki bedla enkulu imali ngegama likamkhulu wakhe,” kusho lesi sikhulu.

Ngasohlangothini lweKZN Athletics, uMandla Mngomezulu ukhulume neMpempe wathi bona badinga ukuthi umjaho uqhubeke ngoba babeka phambili izimpilo zabagijimi.

Uthi bazimisele ukuthi amakilabhu amabili, iHammersdale Athletics eholwa nguRichard Bhengu neGreat Edendale Athletics eholwa nguVusi Duma balungise izinto bese belandela imithetho ye-Athletics South Africa.

Khonamanjalo, sekuvele ukuthi lamakilabhu asebhale incwadi yokuthi bafuna ukusula icala kodwa inkinga abanayo wukuthi abanayo imali yokulisula leli cala eliseNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

Ngokuthola kweMpempe, bamanqikanqika ukushiya ngasohlangothini lukaMandla Mandela ngenxa yokuthi babona kubhalansekile.

Uzokhumbula ukuthi lamakilabhu afaka uhulumeni enkantolo ukuthi akanalo igunya lokuhlela lo mjaho. Kuvele nezinsolo zokuthi kungenzeka kukhona asebekufimbathisiwe njengoba sebehoxa nje.

UMngomezulu, oyiphini likamengameli kwiKZN Athletics, uthi bacela ukuthula ukuze benze umsebenzi wabo ngendlela efanele.

FUNDA NALA: IRichards Bay ishaye AmaZulu ngestina ithatha uMemela

“Sicela ukungaphazanyiswa ngoba abantu badinga ukugijima. Yilokho okubalulekile. Uma abantu bengasubathi bazokhomba thina ngomunye futhi kuzobe kubafanele lokho.”

Ube esenxenxa abasubathi ukuthi bawungenele lo mjaho osushintshwe igama okwesikhashana kuze kube kulunga lempi eqhubekayo ngawo.

Lo mjaho uzogijinywa ngoMgqibelo ngaphansi kwegama elisthi yiHilton Capture Site Marathon. Lo mjaho uzoqala ngo-7 ekuseni kanti kulindeleke izinkumbi zabasubathi abaqhamuka umhlaba wonke jikelele.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.