IMamelodi Sundowns isibuyele emkhubeni wayo wokugqilaza kwiligi

IMamelodi Sundowns isibuyele emkhubeni wayo wokugqilaza
UCassius Mailula noTebogo Mokoena beMamelodi Sundowns

 

IMamelodi Sundowns seyiphinde yavula igebe phezulu kwiDStv Premiership ngemuva kokushaya iRoyal AM ngo 3-0 ngoMgqibelo kusihlwa.

EzikaRulani Mokwena sezinegebe lamaphuzu ayisithupha phezulu kwilogi kodwa iRichards Bay ingalinciphisa uma iwina kwiChippa United ngeSonto.

Nokho ngokwezinga lomdlalo iSundowns ayikabuyeli kule ebiyiyona kule minyaka embalwa edlule enicoboshisa kalula konke okuphambi kwayo.

Igoli ewine ngalo kwiRoyal AM liqhamuke sekuyophela isiwombe sokuqala ngemuva komnyakazo omuhle kaCassius Mailula.

Lo mfana osemncane nophuma enkulisa yeSundowns la abephekwa khona uSurprise Moriri ubeke uNeo Maema elihle ibhola.

Naye uMaema akazange esaphoxa njengoba evele walishaya ngobuchule wezwa ngoba ngenhlokomo yabalandeli beSundowns unozinti ukuthi sekumele ayolilanda enethini ibhola.

Ngokokungadlali ibhola elijwayele iSundowns kulo mdlalo mhlawumbe kumele kunconywe iRoyal AM ezamile ukuyivalela izikhala.

Akukho la umdlali weSundowns abelithola khona eyedwa ibhola ukuze enze into ayithandayo.

Kwayona iRoyal AM izozisola yona ngokungaqinisi kahle uma ihlasela yize beyike ibe namathuba athembisayo.

FUNDA NALA: UMaart uveza usizo lukaKhama Billiat ngegoli lakhe kwidabhi

Nayo iMamelodi Sundowns beyingengeza kuleli goli elilodwa egcine iwine ngalo ukube iwasebenzise kahle amathuba ewatholile ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo.

Kodwa ke ekugcineni ikhombisile ukuthi umdlalo awupheli unompempe engakayishayi impempe njengoba ibuye yashaya amagoli amabili.

Elesibili lishaywe uMailula eqedela umsebenzi omuhle kaTebogo Mokoena ongene nezicabha kwesokunxele wabe eseligoba ibhola.

Unozinti weRoyal AM uzamile ukulivimba kodwa lavele lahlangana noMailula obesenomsebenzi olula wokulinamathisela enethini nokuyinto ayenze ngobuchule.

UBradley Ralani, ongene esiwombeni sesibili endaweni kaMaema ube esebhala nelakhe igama kwabashaye amagoli sekusele imizuzu emibili umdlalo uphele.

Sbongs Gumbi 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *