IMaMkhize Boys izobe seyivulela isibhaxu maduze nje, kusho uMahlasela

IMaMkhize Boys izobe seyivulela isibhaxu maduze nje, kusho uMahlasela
UKabelo Mahlasela
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

UKabelo Mahlasela weRoyal AM eteketiswa ngokuthi iMaMkhize Boys ukholwa ukuthi bazovuka bazithathe yize beyiqale ngebatha imidlalo yeDStv Premiership ka-2021/2022.

IMaMkhize Boys iyivale ekugcineni kwilogi yePremiership ngemuva kwemidlalo emibili elahle kuyona amaphuzu.

Iqale yadlala neSwallows FC eyiphule izinhliziyo iyishaya ngo 1-0 ekugcineni. Ngemuva kwalokho idlale neCape Town City eyishaye ngo 2-1 yize ike yahamba phambili ngo 1-0.

Noma kunjalo uMahlasela, odume ngelikaSkudu ubona ukuthi akukubi kakhulu futhi bazohlangana njengeqembu.

“Okokuqala nje ngifisa ukukhuluma ngomdlalo wethu neSwallows. Bekuwumdlalo wethu wokuqala futhi bewunzima kakhulu.

“Bekusaphele izinsuku ezintathu kuphela sizilolonga ndawonye,” kusho uMahlasela. Phela iRoyal AM yathenga isitikiketi seBloemfontein Celtic sekusele izinsukwana iqale iligi.

“Kwakumele silwe kodwa ngebhadi salahla umdlalo emizuzwaneni yokugcina ngci yomdlalo. Nokho ngethemba ukuthi singakhela kulokho sibheke phambili.”

Emdlalweni wesibili bebhekene neCitizens izamile iMaMkhize Boys ngoba iyona eshaye igoli kuqala ikhombisa ukuthi ayifuni ukushayelwa ekhaya.

“Emdlalweni wethu neCity ngicabanga ukuthi sidlale kangcono kakhulu njengeqembu. Kodwa ngicabanga ukuthi sisengalenyusa izinga.

“Nokho kuningi okuhle esikubonile kulo mdlalo uma siqhathanisa noweSwallows. Ngisakholwa ukuthi kukhona okukhulu okuzoqhamuka kwiRoyal AM njengeqembu.”

Imidlalo yePremiership imile okwamanje ngenxa yekhefu lemidlalo yeFifa. IMaMkhize Boys izobhekana neChippa United uma seyibuya imidlalo ngoSepthemba 11.

FUNDA NALA: Kufezeka iphupho kuMakalima ozoyodlalisa kwiNdebe yoMhlaba 

“Leli khefu sizolisebenzisa ukuthi livune thina. Siyaziqeqesha akekho umdlali ogodukile waya kubo,” kulanda uMahlasela.

“Sifuna ukuba ngcono njengeqembu nangomdlali ngamunye. Sethemba ukuthi lokhu esikwenza ejimini kuzosisiza uma sekuqhubeka imidlalo.

“Sizodlalela ekhaya neChippa ngakho kumele nakanjani sithole amaphuzu aphelele. Azikho izaba esingazibeka ngalokho, siwadinga ephelele amaphuzu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.