IManchester isheshe yaziveza izinhloso, ngabe izowuqhuba umgqigqo?

IManchester isheshe yaziveza izinhloso, ngabe izowuqhuba umgqigqo?
UPaul Pogba
UDABA: Njabulo Black Shezi
ISITHOMBE: Google

Ilindelwe ngabomvu imidlalo ye-English Premier League eqale ngeviki eledlule. Abalandeli basale bengawuvali umlomo njengoba yavulwa kabuhlungu yi-Arsenal neBrentford.

nokulapho omakoti babhaxabula i-Arsenal ngo2-0 nokwacasula kakhulu abalandeli be-Arsenal bebhaxabulwa omakoti.

Omunye umdlalo owadonsa amehlo abantu abaningi owawuphakathi kweManchester United neLeeds.

IManchester yayibhudluza ngo 5-1 iLeeds nokwagqama kakhulu kuwo uBruno Fernandes owabeka enethini amagoli amathathu.

Kwaphinde kwavelela noPaul Pogba owakhanda amagoli amane kwamahlanu ashaywa yiManchester.

Kwabanokuningi ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngezinga eliphezulu eyaqala ngayo iManchester kubuzwana ukuthi ngabe leli giya eqale izoligcina na.

FUNDA NALA: UMiddendorp ujabule ngokuthola uSkelem athi uzolisiza kakhulu iqembu lakhe

IMan United ngelinye lamaqembu okubhekwe ukuba enze kahle kule sizini nokuthi ahlwithe iscoco seligi esivikelwa omkhaya bayo iManchester City.

Imidlalo isiyonke kule mpelasonto imi kanje:

NgoMgqibelo: Liverpool v Burnley ngo-1 emini; Aston Villa v Newcastle ngo-4 ntambama; Crystal Palace v Brentford ngo-4 ntambama; Leeds v Everton ngo-4 ntambama; Man City v Norwhich ngo-4 ntambama

NgeSonto: Southampton v Man United ngo-3 ntambama; Wolves v Tottenham Hotspur ngo-3pm; Arsenal v Chelsea ngo-5 ntambama

NgoMsombuluko: West Ham v Leicester City ngo-9 ebusuku.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *