IMandela Marathon isiphenduke umbango obheke enkantolo

IMandela Marathon isiphenduke umbango obheke enkantolo
Undunankulu waKwaZulu-Natal, uSihle Zikalala egijima kwiMandela Marathon
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekuqubuke ingxabano phakathi komkhandlu wedolobha laseMgungundlovu neKwaZulu-Natal Athletics kubangwa iMandela Marathon.

Le ngxabano, ngokusho kukaMandla Mngomezulu oyisephini likamengameli kwiKZN Athletics, iqubuke ngenxa yokuhlehliswa kwalo mjaho.

Lo mjaho waminyaka yonke uvamise ukugijinywa ngo-Agasti okuyinyanga uNelson Mandela aboshwa ngayo ngamaphoyisa kahulumeni wengcindezelo. Kodwa ngenxa yokudlanga kweCoronavirus, iKZN Athletics inqume ukuba uhlehliselwe uNovemba.

UMngomezulu uthi umasipala waseMngungundlovu ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke kwenzeke lokho, wona ngeke utshele ngabanye abantu ngomjaho wawo.

“Okuxakayo ke kukho konke lokhu wukuthi thina sazi ukuthi umasipala ungumunye nje wabaxhasi balo mjaho. Besingazi ukuthi usunegunya lokulawula nokuphatha ezokusubatha futhi,” kusho uMngomezulu ekhuluma neMpempe.

Kuthintwa isikhulu salo mkhandlu esibhekelele ezokuxhumana, uBrian Zuma, sivele sabhoka ngolaka sathi bona sebebheke ukuhlangana enkantolo neKZN Athletics.

“Ngumjaho wethu lona. Thina sizohlangana enkantolo nabaphikisana nalokho,” kushaya uZuma ngamafuphi. Le mpendulo yakhe ikhombise ukuthi kukhulu okubangwayo ngale komjaho. Lo mjaho usukela eMngungundlovu uphelele endaweni la uMandela aficwa futhi waboshelwa khona ngaseHowick.

Uqale ukugijinywa ngo-2012 njengenye yezindlela zokuhlonipha uMandela owaba ngumengameli wokuqala wakuleli owakhetwha ngentando yeningi.

Usungeminye wemijaho eheha abasubathi basezingeni eliphezulu abaqhamuka ezindaweni ezehlukene emhlabeni jikelele.

FUNDA NALA: ISekhukhune ayiyingeni eyecala, ilungiselela isizini yePremiership

Siqhubeka nokumba ngomnyombo wale nkiyankiya efufusayo phakathi kweKZN Atheltics nomasipala waseMgungundlovu, sithole ukuthi kunengxabano ekhona phakathi kwesikhulu esithile kumasipala nomengameli wale nhlangano, uSteve Mkhasi.

“Kukhona ukuxabana okukhona yingakho ke nje bengafuni alawule ukugijinywa kwawo. Kuningi okungahambi kahle ngalo mjaho.

“Uzokhumbula ukuthi kwake kwaba khona abaveza ukuthi baqolwa bephucwa wona kade kungowabo,” kusho umthombo osondelene nezikhulu zeKZN Athletics.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *