IMaritzburg igoloze kwayilungela ishaya iSundowns

IMaritzburg igoloze kwayilungela ishaya iSundowns
OkaDonga Gumbi

IMaritzburg United yenqabile ukuba umshini la iMamelodi Sundowns izofike icofe bese iphuma namaphuzu agcwele njengoba yenza kwamanye amaqembu kwiDStv Premiership.

Njengoba ingene enkundleni seyazi ukuthi iBaroka iwinile okusho ukuthi isisondele kubo, iMaritzburg ilwe ngayo yonke indlela ukugciyagcina iphumelele ukuba yiqembu lesibili ukushaya iSundowns kule sizini.

Lo mdlalo obushubile futhi nonyawo luqinisiwe bewuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku uphele ngo 2-1 kuwina iBlue Hearts.

ISundowns iqale izihambela ngegiya layo lokuniezana ngebhola ngesineke sengathi ayijahe ndawo. Beyilokhu isondela nokho emapalini eMaritzburg.

Nokho iMaritzburg beyibonakala inalo icebo lokuvala emuva bese kuthi uma ithola ibhola nayo izame ukuzumisa ibheke phambili.

Ngenxa yokuthi bezidlana imilala ngamacebo, umdlalo ugcine sekungathi uyehla ngokwezinga kwazise alikho ebelikwazi ukwakha amathuba acacile.

Nokho kuthe kungazelele muntu, uHashim Domingo wagoba ibhola engakwesokudla, layowela phambi kukaPeter Shalulile obe eselingqofa ngendlela engajwayelekile, layogxela ezintanjeni.

FUNDA NALA: Usuthu lungcwatshwe unozinti walo ludliwa yiSuperSport

Akubanga yisikhathi esingakanani iSundowns ihamba phambili, yabuya iMaritzburg nelokulinganisa.

Bekuyikhona egotshwe uKeegan Ritchie, ibhola lahlangana no-Alfred Ndengane ogxume walingqofa layogaxela enethini.

Esiwombeni sesibili iMaritzburg beyisidlala kangcono futhi ingayiyekeli iSundowns ukuthi izenzele ngendlela ethanda ngayo.

Empeleni nje beyingawuwina lo mdlalo ukuba beyinayo inhlanhla ngoba beyifika ebhokisini likaKennedy Mweene.

Nokho ibe nayo inhlanhla ngesikhathi uMarcel Engelahrdt evimba iphenathi ebishaywe uThemba Zwane sekusele imizuzu eisithupha umdlalo uphele.

Beyibekwe phansi kulandela ukuthi uNazier Allie elithinte ngangalo ibhola esebhokisini yize bekucacile ubengaqondile.

NeMaritzburg ibekelwe eyayo iphenathi sekungenwa esikhathini sikanompempe ngemuva kokuthi uMweene edlalise kabi umgadli wayo.

Kusukune u-Amadou Soukouna wayivalela enethini, eshiya uMweene enxapha yedwa. La maphuzu ayiqhelisile kancane iMaritzburg emaqenjini enawo engozini yokudliwa yizembe.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.