IMaritzburg iqinisekisa ukuxoshwa kukaMazinyo ongase avumbuke eGauteng

IMaritzburg iqinisekisa ekaMazinyo, uzovumbuka kwelaseGauteng?
U-Ernst Middendorp okhonjwe indella kwiMaritzburg United
OkaDonga Gumbi

IMaritzburg United seyikuqinisekisile okubikwe yiMpempengoLwesibili kusihlwa ukuthi sekuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kwayo no-Ernst “Mazinyo” Middendorp.

Leli qembu likhala ngokuthi lo mqeqeshi ubengalisi phambili, kunalokho elidla izindimbane zemali ngokusayinisa inqwaba yabadlali.

Lithi selikhathele wukuminya njalo uma sekuphela isizini njengoba iqembu lisuke livika izembe yize abaphathi befake imali ukuliqinisa. 

Kwethusile ke nokho ukuxoshwa kwalo mqeqeshi kwazise usanda kulitholela uxhaso lobudlelwano ne-Arminia Bielefeld yangakubo eGermany.   

“Ngesikhathi ibhodi lihlangene libhunga ngesizini edlule, abaqondisi baveze ukungeneliseki ngokudlala kweqembu,” kusho uFarouk Kadodia ongusihlalo.

FUNDA NALA: Kusizakale iSwallows i-All Stars ibambana naMaTuks

“Iqembu alenzanga kahle kulezi zinyanga ezingu-24 ezedlule ekubeni kusayinwe inqwaba yabadlali kulesi sikhathi.

“Singabaphathi sifake imali eningi ekuqiniseni iqembu ikakhulukazi kule minyaka emibili edlule futhi sibna kungafanele siqhubeke nokuhlala sivika izembe.

“Yingakho ke sesithathe isinqumo sokuthi sizohlanganisa iqembu elizosithelela izithelo ezinhle kule minyaka emithathu ezayo, sanquma ukwehlukana no-Ernst.”

Leli qembu lithe lizomemezela maduze ukuthi ngubani ozoba ngumqeqeshi walo. Abaningi babheke ukuthi kube nguFadlu Davids osanda kuxoshwa kwi-Orlando Pirates.

Nokho Impempe seyithole ukuthi uDavids uzosebenzisana noMiddendorp ekhaya lakhe elisha eqenjini laseGauteng.

Umthombo uthe uMiddendorp useqhulwini kubaqeqeshi abafunwa yiSuperSport United ehlukane noKaitano Tembo ngesizini edlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.