IMaritzburg ishela ‘umsindisi’ ukuba azoyivikisa izembe

IMaritzburg ishela ‘umsindisi’ ukuba azoyivikisa izembe

 

Usephenduke ‘umsindisi’ uDylan Kerr oseqashwa amaqembu adonsa kanzima nabhekene nezembe kuphela kuleli. 

Impempe isanda kuthola ukuthi uKerr ngomunye wabaqeqeshi abasohlwini lwezikhulu zeMaritzburg United njengoba zihlwaya umqeqeshi nje. 

Lokhu kulandela ukuthi ixoshe uJohn Maduka kulandela ukudavuza ndawonye kweqembu libukeka lingayi phambili. 

Kuyiwe ekhefini iMaritzburg kuyiyo esemsileni njengoba isanamaphuzu angu-11 ngemuva kwemidlalo engu-13. 

Isawine emibili, yadlala ngokulingana kwemihlanu yabe seyihlulwa kweyisithupha nokuyikho okwenze abaphathi banyukelwe ushukela. 

Kuvela ukuthi leli qembu lifuna uKerr nje usanda kunqaba umsebenzi e-Iraq ngoba ethi usanento afuna ukuyenza ebholeni lakuleli ukugeza igama lakhe. 

Yize esephenduke ‘umsindisi’ kodwa uKerr uneshwa lokuhamba kabi emaqenjini asuke ekuwo kungasazwenwe nabaphathi ngoba imiphumela seyimphika. 

Kusukelwa kwiBlack Leopard okuyiyo afikele kuyo kuleli, kuya kwiSwallows agcine kuyo ukuqeqesha uKerr uhamba kungasekuhle. 

ISwallows uyihlengile ezembeni ngesizini edlule kodwa izinto zamphika kakhulu kulokhu. Umphathi weSwallows uDavid Mogashoa wakuveza ukuthi ayikho into abasize ngayo lo mqeqeshi.

UMogashoa wayekhala ngokuthi wafika kusasele imidlalo engaphezu kuka-15 kodwa iqembu lagcina libangwa nezibi, lalivika sekukubi izembe. 

FUNDA NALA: Umhlaziyi usola uMothwa ngokuthengisa AmaZulu kwiPirates 

UKerr naye ube eseziphendulela ngokuthi ubesebenza kanzima njengoba abadlali bebengaholelwa ngendlela efanele kuleli qembu. 

Yize kunjalo kodwa iMaritzburg nayo seyibheke kuye ukuthi ayitakule njengoba isenkingeni yezembe nje. 

“Akukho okusavunyelwene ngakho kodwa ngeke ngithuke uma kugcina kunguye ngoba bafuna umqeqeshi ovele unolwazi leligi yethu. 

“Kulaba abakhona nguye obonakala ephezulu ohlwini futhi kungenzeka kuphele iviki sebeqede konke naye,” kusho umthombo. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *