IMaritzburg ixhaphaze iChippa iyishaya ‘ngempama’

UJose Meza weMaritzburg United no-Anthony Laffor weChippa United

OKADONGA GUMBI
Ivuke indlobane yaphendula iChippa United iminqolo iMaritzburg United iyishaya ngo 5-1 emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ntambama.
IChilli Boys ibizibone inethuba lokuphuma namaphuzu aphelele kulo mdlalo kulandela ukuthi ilishaye kuqala igoli. Bekungumzuzu ka-28 ngesikhathi uMokhele Maloisane ebeka ezikaDan Malesela phambili.
Nokho kusheshe kwacaca ukuthi iBlue Hearts ayizuvuma ukuzothelwa induku esibayeni sayo, uThabiso Kutumela wayibuyisela emdlalweni ngomzuzu ka-35 eshaya igoli lokulinganisa.
Emizuzwini emine ukusuka lapho, uKutumela uphinde walinamathisela enethini kwaba ngu 2-1, sekuhamba phambili iqembu lasekhaya.
Cishe iChippa beyihlele ukubuya yenze kangcono ngesiwombe sesibili, kodwa isitimela sisheshe sawugeja ujantshi njengoba kuthe kusaphele imizuzu emihlanu kubuywe ekhefini, uBongokuhle Hlongwane walibeka enethini elesithathu leTeam of Choice.
Izinto zibe sezibhimba unomphelo kwiChilli Boys sekucaca ukuthi izobuyela ekhaya eGqeberha ilathazela ingatholanga lutho. Nokho beyizama futhi iwakha amathuba kodwa kwasho khona ukuthi ibhekwe yisambane.
Kuthe lapho seyithi isizama ukuthi umphumela ungabukeki kabi kakhulu, uTebogo Thlolane wayibhakuzisa naye inethi, eshaya elesine leqembu lasekhaya kwaba ngu 4-1 sekusele imizuzu engaphansi kweyishumi uphele umdlalo.
UJose Meza uthe naye ngeke asale ozakwabo bezitapela amagoli kwiChippa washaya elesihlanu ngomzuzu ka-87, nelibe yisipikili sokugcina.
Lo mphumela uqhelise iMaritzburg ezembeni njengoba seyisendaweni ka-12, futhi inegebe lamane ukusuka ezindaweni zezembe. Kungenzeka ukuthi le ‘Shisa Mpama’ idalele uMalesela amazinyo abusehlelezi kuSiviwe “Chippa” Mpengesi owaziwayo ngokuhluleka ukuzibamba axoshe umqeqeshi uma izinto zinjena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.