UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Cishe ibisiwabalile amaphuzu ayo iMaritzburg United ngesikhathi iSwallows FC ibuya ekugcineni ithi okungcono akucazelwane.
IMaritzburg beyihambe phambili esiwombeni sokuqala kulo mdlalo weDStv Premierhsip obuseDobsonville Stadium ngoMgqibelo ntambama.
UBongokuhle Hlongwane nguye oshaye igoli leMaritzburg futhi bekubukeka izogcina iwudlile lo mdlalo.
ISwallows beyidlala kangcono ngeqembu elishintshile njengoba bekubambe uFani Madida njengomqeqeshi.
Lokhu kungenxa yokuthi uDylan Kerr usalinde imvume yakhe yokusebenza kuleli.
Iqembu eliqale imidlalo belinabadlali ababili abebelizwa ngendaba ijezi ngesikhathi sikaBrandon Truter.
U-Austin Muwowo nozakwabo abadabuka naye eZambia uMwape Musonda bawuqalile umdlalo.
UMowowo nguye obeyiphela endlebeni kwabeMaritzburg ekhombisa ukuthi ukulambele ukudlala.
Nokho amathuba ebiwathola iSwallows ibiwamosha ekubeni beyingaya ekhefini inalo okungenani elilodwa igoli.
Kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini iMaritzburg yalibasela enethini, yahamba phambili.
UHlongwane ungqofele enethini ibhola ebeligotshe uRowen Human kade kuyikhona.
FUNDA NALA: UComitis uthi uyaqhubeka umdlalo wabo neChiefs
ISwallows izame kwaze kwagcina kulungile njengoba uYagan Sasman elishaye sekubalwa imizuzu kuphele umdlalo.
IMaritzburg nayo ibe nawo amathuba ebingawasebenzisa yengeze kuleli likaHlongwane.
ISwallows isahlezi emsileni njengoba inamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo engu-13.
IMaritzburg ayiqhelile ezembeni njengoba seyisendaweni ka-11 la inamaphuzu angu-14 khona.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com