IMaritzburg izwe amanzi ngobhoko lwemuka nomfula ivula ngenduku

Izwe amanzi ngobhoko lwemuka nomfula iMaritzburg ivula ngenduku
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Uvumile ukuthi kufana nokuthi ubezwa amanzi ngobhoko emdlaweni wabo wokuqala umqeqeshi u-Ernst MIddendorp iMaritzburg United ithola isibhaxu.

Akuhambake kahle njengoba leyo nduku yakhe ivele yemuka nomfula beshaywa yiGolden Arrows ngo 2-1 ngoMgqibelo ntambama.

IMaritzburg bekuwumdlao wayo wokuqala osemthethweni kanti i-Arrows ibisidlala owesibili njengoba beyidlale kwiMTN 8 ngempelasonto edlule.

“Kunzima ukukwemukela okwenzekile,” usho kanje uMiddendorp ngemuva komdlalo. “Bashaya igoli nje bekumele engabe bese sivele sihamba phambili thina.

FUNDA NALA: ISharks iphoxe iLions iyidudulela le kude neCurrie Cup

“Besiwuphethe umdlalo. Sibe namabhola amabili abeqonde epalini ngesiwombe sesibili kodwa sazithola sesilandela ngemuva ngamagoli amabili.

“Sike sathi ukuthuka ngemuva kwalokho kodwa ke bekulindelekile lokho uma ubheka isibalo sabadlali abasha ebesinabo eqenjini. Akuyona into ebesiyifuna le, futhi ayisifanele.”

UMiddendorp uzothemba ukuthi bazodlalakangcono emdlalweni wabo olandelayo. IMaritzburg izobhekana neSekhukhune United ngoLwesithathu,

“Bekungewona umdlalo esingathi sidlale kahle uqala waze wayophela futhi nezinga lokuba sesimweni esifanele asikafiki endaweni efanele.

“Asibanga nayo imidlalo eyanele yikuzilungiselela. Bekuwumdlalo wethu wokuqala. Kujwayelekile ukuthi kwenzeke kanje.

“Kuningi okuhle esikubonile kulo mdlalo. Kuningi esingakwenza umdlali ngayedwa nanjengeqembu. Sizame konke ukubuya emdlalweni. Kuzolunga.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.