IMarumo Gallants icime ingoma kwaphela ukudansa kuMalesela

IMarumo Gallants icime ingoma kwaphela ukudansa kuMalesela
UDan "Dance" Malesela osekhonjwe indlela kwiMarumo Gallants
OkaDonga Gumbi

Kuphelile ukudansa kuDan “Dance” Malesela ngesikhathi iMarumo Gallants imtshela ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe kuleli qembu.

UMalesela ufike isanda kuqala isizini ngenkontileka yesizini eyodwa ezophela uma kuphele le nyanga.

Leli qembu likuveze ngoLwesihlanu ntambama ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka kaMalesela.

Udedelwa nje uMalesela ulithathe walifaka kowamanqamu kwiNedbank Cup leli qembu futhi belingelinye ladlala ibhola elikhangayo.

NakwiDStv Premiership alenzanga kabi kakhulu njengoba ligcine liphelele endaweni yeshumi okungekubi kakhulu uma ubheka ukuthi bekuyisizini yalo yokuqala. 

“IMarumo Gallants FC seyingakuqinisekisa ukuthi inkontileka yomqeqeshi uDan Malesela ngeke ivuselwe uma iphela ekupheleni kwenyanga.

“Iqembu liyambonga uMalesela ngomsebenzi wakhe kule sizini edlule futhi limfisela okuhle kwazokwenza ukusuka manje,” besiho kanje isitatimende esikhishwe yiqembu.

FUNDA NALA: Inkakha yeChiefs incoma ukuqashwa kukaZwane 

IMarumo iyingxenye yamaqembu amane azomela elakuleli emiqhudelwaneni yasezwenikazi ngaphansi kweCaf ngesizini ezayo.

Izodlala kwiCaf Confederation Cup neRoyal AM bese iMamelodi Sundowns neCape Town City bona badlale kwiCfa Champions League. 

Udedelwa nje uMasilela abalandeli be-Orlando Pirates bayamfisa ukuba ake asondezwe kuleli qembu labo ngenxa yebhola elihle elidlalwa amaqembu acijwa nguye.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *