Sihle Ndlovu
IMathaithai FC, ezobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weNedbank Cup Last 16, ingaba yingozi kakhulu ngoba iyiqembu elingaziwelwa lutho.
La maqembu azotholana phezulu eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ngo-6 ntambama. Okokuqala iMathaithai idlala kwiNedbank Cup kanti igijima kwi-ABC Motsepe League, eFree State.
IMathaithai ifike kwiLast 16 ngemuva kokushaya iNC Pro’s (yaseNorthern Cape) ngo 2-0 emdlalweni weLast 32 yalo mqhudelwano ngoFebhuwari 12.
Abanye babadlali abayingozi beSebethe Boys (njengoba itekekiswa kanjalo iMathaithai) uTeboho Modise noSabata Monele. Bobabili laba bashaye amagoli emdlalweni weLast 32.
Abafana Ba-Style bazoya kulo mdlalo besazikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa yiMaritburg United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.
Bekungokwesibili kuphela iSundowns ishaywa kule sizini kuyo yonke imuqhudelwano. Komunye umdlalo weligi ishaywe AmaZulu FC ngo 1-0.
Inkinga ebuye ibe khona ngokudlala namaqembu ama-amesha, ukuthi awakuniki ithuba lokudlala ibhola ngendlela yakho. Amanye ayabhuduzela futhi azivala ngokushesha izikhala zokuphaselana ibhola.
Nokho ekugcineni iSundowns izoya kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma ngemuva kokushaya iRichards Bay FC ngo 4-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32.
ISundowns kuzomele iqaphele nokho ukuthi iSebethe Boys ingayibangeli aMathaithai azoyifaka ehlazweni lokuwasha ijezi kwiNedbank Cup.
editor@impempe.com