Imbhabhadise ngamagoli amahlanu unozinti obeyihalela iSundowns

Imbhabhadise ngamagoli amahlanu unozinti obeyihalela iSundowns
OkaDonga Gumbi

Kuthiwa umlomo uyadala, kanti lokhu kwenzekile futhi ukufunde kabuhlungu unozinti weSummerfield Dynamos owathi ufisa baqhathwe neMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup.

Lo nozinti, uSandile Masoga wakusho lokhu ngemuva kokuba bewashise Uthongathi ijezi emzuliswaneni wokuqala kulo mqhudelwano.

Abayinikwanga iSundowns ngemuva kwlaokho, kodwa baqhathwa neBlack Eagles abayishaya kalula badlulela phambili.

Isifiso sakhe sabe sesifezeka ke sebeqhathwa neSundowns abebebhekene nayo ngoMgqibelo kusihlwa yababhaxabula ngo 5-0 eLoftus Stadium.

Kucace zisuka ukuthi kuzofana nokuqwala iKilimanjaro kwiDynamos ukudlula kwiSundowns ezenzela umathanda ngisho kontanga bayo.

Kubhede kakhulu ngesikhathi izitobha zeDynamos zivele zabanjwa umankunkwane ngomzuzu wesikhombisa, zambuka uGaston Sirino ethola ibhola eyedwa ebhokisini lazo.

Ube eselinamathisela enethini engaphazanyiswe muntu. ULesedi Kapinga ube esengeza elesibili ngomzuzu ka-12, kwacaca lapho ke ukuthi lo mdlalo ubhekephi.

Empeleni nje bekumele kuyiwe ekhefini iSundowns seyengeze amagoli okungenani amathathu ngaphezu kwalawa amabili.

Indlela beyisindeka ngayo iDynamos uRicardo Goss obesezintini zeSundowns ubengaphuma ayozihlalela nezihlwele kungenzeki mehluko.

FUNDA NALA: IBaroka igcine ilugobile uphondo yize ike yagoloza kwiMarumo

Lo nozinti uze wavimba ibhola lokuqala – nalo ebelingeyona ingozi etheni – ngomzuzu ka-40 njengoba bekungathi isiqala ukuhlangana iDynamos.

Esiwombeni sesibili iDynamos kucishe kwayiyo ekishaya kuqala igoli kodwa ibhola likaSiya Ngubane obedabule kalula odongeni lweSundowns lazishayisa ipali selimdile uGoss ngomzuzu ka-49.

Kodwa ke mhlawumbe ukwenyukelwa wukuzethemba kube yiphutha njengoba ibe seyenza iphutha emuva, yahluleka ukususa ibhola emuva.

Leli bhola ligcine liphelela kubadlali beSundowns, balidlala laphelela kuKermit Erasmus walinamathisela enethini.

U-Erasmus ube esengeza igoli lesibili ngomzuzu ka-63, eqedela umnyakazo omuhle weSundowns ebizenzela nje kwiDynamos.

UPavol Safranko usuke ebhentshini wayoshaya igoli lesihlanu. Naye uzithole engamakiwe, wazingqofela kalula ibhola ebelibekwe phansi eligotshwe uSirino.

Cishe ngemuva kwalokhu uMasoga ubesefisa ukuthi umdlalo uphele. Phela lo nozinti nguye owakusho kwagcwala umlomo ukuthi ufisa baqhathwe neSundowns khona ezoyigoba.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.