Imenenja icacisa ngekusasa likaKhune kwiKaizer Chiefs

Imenenja icacisa ngekusasa likaKhune kwiKaizer Chiefs
U-Itumeleng Khune
Alfred Ngubane

ULee Roy, oyimenenja ka-Itumeleng Khune, useveze ulwazi olubalulekile ngalo nozinti weKaizer Chiefs futhi owake wadlala kwiBafana Bafana isikhathi eside.

Ekhuluma neMpempe ngekusasa lalo nozinti oyisithandwa sabalandeli beChiefs, uLee ucacisile ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi bangavuselela inkontileka naleli qembu.

UKhune ubevele elule ngonyaka owodwa ekupheleni kwesizini edlule kodwa ijezi usalibheka ngethoshi nakule sizini, yize abalandeli bemkhalela.

“Akukho okwamanje okuphathekayo esinakho kodwa akhona amaqembu aseke akhombisa isifiso ngaye.

“Asizukuxhamazela ke nokho, sizowezwa nje wonke amaqembu akhuluma nathi ukuthi athini, bese sinquma naye ukuthi ufuna ukwenzanjani.

“Uzokhumbula ukuthi akulula kuye ukuvele asuke nje kuleli qembu akhulele kulo, njengoba afikela enkulisa kwiKaizer Chiefs, wakhula wagcina ngokuthi abe ngunozinti ohamba phambili ngisho eqenjini lesizwe iBafana Bafana,” kusho uLee.

Kuke kwavela nangaphambi kokuphela kwesizini edlule ukuthi uKhune angase ashiye kuMakhosi njengoba kwakuneqembu lase-United Arab Emirates elalikhombisa ukumthanda.

Ebuzwa ngalokhu uLee, uthe ucela ukungasho lutho okwamanje ngoba kusekuningi abakuhlelayo ngalo mdlali, kanti kusangenzeka aye naphesheya.

FUNDA NALA: USukazi usola isandla semfene ngamakhadi abomvu eqenjini lakhe

Akathandanga futhi ukuphawula ngokuthi uzizwa kanjani lo nozinti njengoba ijezi engasalazi, esegcina ngokujima kuphela.

UKhune nguyena unozinti onamava kunabo bonke abeChiefs njengamanje, futhi nesiko leqembu ulazi ukusuka nokuhlala.

Nokho kubukeka ezogcina ephoqelekile ukushiya uma kungukuthi usazimisele ngokudlala, njengoba kule sizini engasitholi ngisho ebhentshini isikhala kwiChiefs.

Umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter, uma ebuzwa ngalo nozinti uvele angene ezintangeni, uma ziphenywa izintanga, acashe ngesithupha.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *