Imenenja iveza isifiso sayo ngoMbule ogaqelwe yiChiefs neDowns

Imenenja iveza isifiso sayo ngoMbule ogaqelwe yiChiefs neDowns
USipho Mbule
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isiveze ukuthi isifiso sayo wukuba uSipho Mbule ayodlala phesheya imenenja yalo mdlali weSuperSport United, uMike Makaab. UMbule ngomunye wabadlali okubhekwe kakhulu ukuthi bazophelelaphi njengoba egaqelwe yizinkunzi iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.

UMbule oneminyaka engu-23, ungomunye wabadlali abakhomba ukuba nekusasa elihle ebholeni lakuleli. Ukufunwa kwakhe uthuli yilamaqembu amakhulu kuwubufakazi balokhu.

Nokho, njengoba Impempe beyibikile ngesonto elidlule, lamaqembu azomthola uma sekuhluleke imizamo yokumuyisa phesheya. Lokhu kuqinisekiswe imenenja yakhe uMakaab weProSport International.

“Njengamanje unenkontileka neSuperSport. Kumele abeke ingqondo yakhe kuma-Olympics azoba yishashalazi elikhulu kuye ngoba inhloso yethu wukumusa phesheya,” kusho uMakaab kwabeKickOff.

“Ngikholwa wukuthi ungumdlali onayo lento engamenza aphumelele phesheya uma engagxila ebholeni lakhe. Uwuhlobo lomdlali olungajwayelekile,” kuchaza uMakaab.

FUNDA NALA: Usekhonjwa eZambia uHunt osanda kuxoshwa yiChiefs

Akawuvalanga nokho umnyango emaqenjini akuleli afisa ukusayina lo mdlali, ethi kuzomele axhumane ngqo neSuperSport, yena uyongena sebeqedile esekhulumela umdlali wakhe.

“Uma iqembu lakuleli limfuna ngampela, kumele likhulume neSuperSport. Mina ngeke ngingene kulezo zingxoxo kuze kube ngiyabona ukuthi iqembu liyakukhokha okufunwa yiSuperSport ngalo mdlali.

“Kodwa njengopba bengishilo ekuqaleni, into ephambili kithi wukuthi uSipho aye phesheya. Sikhulumile naye ngalokhu kodwa sizolalela uma kukhona abakhuluma kahle,” kusho uMakaab.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.