Imenenja kaMbule ithi izomtholela iqembu elisha maduze nje

Imenenja kaMbule ithi izomtholela iqembu elisha maduze nje
USipho Mbule omisiwe kwiSuperSport United
Intatheli yeMpempe

Luzophela usizi lokuba ngumahlalela kuSipho Mbule ngenyanga ezayo njengoba imenenja yakhe uMike Makaaab seyiveze ukuthi seyiqalile ukumcingela iqembu azodlala kulo.

UMbule uzithole esewujika nelanga kulandela ukumiswa kwakhe isigubhukane kwiSuperSport United esolwa ngokuthi akasazinikele.

Kuvele ke kuyinto eyaziwayo ukuthi lo mdlali akasakuthandi ukuhlala kuleli qembu njengoba esefisa ukuyozivivinya eqenjini elisha.

Useke wamataniswa neMamelodi Sundowns ethathe umngani wakhe kwiSuperSport uTebogo Mokoena ngoJanuari.

Abaningi balindele ukuthi naye amlandele aye kwiSundowns futhi sekuke kwanemibiko ethi sekuqediwe konke phakathi kwalo mdlali naleli qembu elingomacaphuna kusale.

Nomqeqeshi walo uRulani Mokwena useke wakuveza ukuthi bazophinde babuyele emakethe bayotheza ukuze baqinise.

NeKaizer Chiefs nayo seyike yakuveza ngomlomo kaKaizer Motaung Junior ukuthi ingakujabulela ukuthola lo mdlali osekhombise ukuba muhle kakhulu.

“Nginethemba elikhulu lokuthi kuzophela le nyanga sesiqedile nelinye iqembu ngoba uStan Mathews usengikhululile ukuthi ngimfunele engxenye,” ucashunwe esho kanje uMakaab kwiSABC Sport.

UMathews yisikhulu seSuperSport osekuke kwavela ukuthi sakusho kwagcwala umlomo ukuthi lo mfana ngeke aphinde adlale eqenjni laso.

FUNDA NALA: URama uvuma eyobuhlungu azobuzwa uma beyijuga iSwallows 

UMakaaab uthe uselinde kugoqwe kahle isizini bese kuba yima eqedela izingxoxo namaqembu asekhombise ukumhalela lo mdlali.

“Angifuni ukuphazamisa amaqembu njengoba kubhekwe emidlalweni yokugcina nje kwiligi. Ngemuva komdlalo wamanqamu kwiNedbank Cup (ngoMeyi 29) ngizobe sengiqala ke ukuxoxa nawo.

“Nginethemba lokuthi sizosheshe siziphothule izingxoxo,” kucacisa le nsizwa engumakadebona ekuphathweni kwabadlali.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *