Imenenja kaNtseki ichaza ngokushiya kwakhe kwiBafana

UMolefi Ntseki

OKADONGA GUMBI

Okwamanje akukho okuhlanganisa uMolefi Ntseki neBafana Bafana. Lokhu kuvezwe yimenenja yalo mqeqeshi, uThato Matuka othe ukungavumelani ngemibandela yenkontileka ukuze lo mqeqeshi abezosebenza ngayo njengesekela likaHugo Broos.

Isixakaxaka ngodaba lukaNtseki neBafana saqala ngesikhathi uBroos ememezela emsakazweni ukuthi useqashe uNtseki njengesekela lakhe lakuleli, umbiko: https://bit.ly/3vemNM9. Wathi lokhu ukwenza ngoba uNtseki unolwazi olunzulu ngabadlali bakuleli.

Kuthe kusenjalo, iSafa yakuphika lokhu, yathi yona ayikwazi lokhu kwazise ayikaqashi muntu kulesi sikhundla. UMatuka uthi intio eyenza iSafa ikuphike lokhu wukuthi bebengakavumelani ngezinto ezithile kwinkontileka.

“Impela uNtseki wacelwa yiSafa ukuthi abe yisekela kwiBafana. Wabe esecela ukuhlangana noBroos kuqala ukuze abone ukuthi imizwa nemibono yabo iyahambisana yini,” kusho uMatuka kwiSAfm ngoLwesibili.

“Yomibili imihlangano yaba nezithelo ezinhle. Bobabili babejabule ngabakhuluma ngakho futhi bazwana. Okwabe sekusele wukuthi silungise izinto zasehhovisi okuyilapho mina ngingena khona.

“Sibe nomhlangano omude izolo (ngoMsombuluko) la besilungisa khona imigomo nemibandela, kodwa sagcina singakwazanga ukuvumelana. Njengomele uNtseki angizange ngivumelane nemibandela yabo. NeSafa ibeke eyayo imibandela, asangayivuma.

“Sibe sesiqoka ukuba kuhlukanwe kanjalo ke. Lolu daba sisaluvalile okwamanje,” kuchaza uMatuka. Impempe seyithole ukuthi uBroos akajabule neze ngalokhu.

Ngokusho kwabasondelene neSafa House, kuthiwa lo mqeqeshi idabuka eBelgium ukubeke kwacaca ukuthi yena ufuna uNtseki eduze kwakhe. Nokho iSafa yona seyimnikeze uhlu lwabanye okumele akhethe kubo okukhona kulo noHelman Mkhalele owayedlala kuyo iBafana kudala.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.