Imenenja yeChiefs ‘iyalishiya’ iqembu

UJessica Motaung
Sihle Ndlovu

UJessica Motaung, oyiMarketing Director kwiKaizer Chiefs, usezitholele umsebenzi omusha kwiConfederation of African Football (CAF).

Lezi zindaba zivezwe uyena uqobo uJessica ngesikhathi kunesithangami nabezindaba eNaturena ngoLwesithathu. UJessica uyingxenye yekomiti elisha leCAF elinikwe umsebenzi obalulekile wokukhulisa ibhola labesifazane ezwenikazi i-Afrika.

“Ngizizwa ngikhethekile ngokuba lapha. Ibhola labesifazane likhula ngamandla umhlaba wonke,” kusho uJessica.

“Sesiyibonile imizamo yeFifa kodwa iCAF ukuze iqinisekise ukuzinikela kwayo seyibumbe amakomiti angeke abheke nje ukuthuthukisa ibhola kodwa azozama nokulimaketha.

“Ngiyajabula ukuba yingxenye yekomiti ukuqinisekisa ukuthi ibhola labesifazane liyakhula.”

Ukungagxili kukaJessica eNaturena kuzovula enkulu imbobo emnyangweni obalulekile weMarketing awuphethe kwiChiefs. Labo abasebenza eduze naye abawuvali umlomo ngolwazi analo kulo mkhakha.

Kuvela ukuthi kuzomele alokhu ‘eshiya’ eNaturena eyobheka umsebenzi wakhe omusha ekomkhulu leCAF

Akungabazeki ukuthi lokhu kusebenza kahle eqenjini lakubo yikona okuhehe iCAF ukuthi imqashe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.