Imeya ithembisa iRichards Bay FC u-R2 million woxhaso

Imeya uThami Ntuli
Sihle Ndlovu

IMeya yomkhandlu waseKing Cetshwayo, uThami Ntuli, ithembisa ukuthi bazoyifaka ezinhlelweni zabo iRichards Bay FC esanda kunyukela kwiDStv Premiership.

UNtuli usho lokhu ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iKing Cetshwayyo June ezokuba seMpangeni ngoJuni 24 no-25. Uthe bafuna ukuthi iKing Cetshwayo ithuthuke kakhulu uma kukhulunywa ngezomnotho nezokuvakasha.

“Nakanjani iRichards Bay esizodlala esigabeni esikhulu ikhona ezinhlelweni zethu. Njengoba ngizokwethula isabelo mali ngihlele ukuthi yisinike u-R2 million njengesiqalo sokuyixhasa,” kusho uNtuli.

“Kuyasijabulisa futhi kusenza siziqhenye ukuthi kuneqembu elisuka kule ndawo eselizodlala esigabeni esikhulu esisaziyo sonke.”

IKing Cetshwayo Juni umjaho wamahhashi ozobe uqala ukuba khona eMpangeni ngoJuni. Ngaphandle kwalokho kuzobe kunandisa nabaculi abehlukene kanti kuzobe kukhangiswa nangengqephu.

“Ngalo mjaho sifuna kuzuze abantu abaningi futhi sibheke ukuthi iKing Cetshwayo yenze imali engaphezulu kuka R30 million,” kusho uNtuli.

“Umama odayisa ubhanana naye kumele afike ekhaya ethenge u-2kg wenkukhu ngalelo langa kukhona akuhlomulile. Sizosebenzisa imali elinganiselwa ku-R2.5 million ukuhlela lo mcimbi.”

Imeya iphinde yagcizelela ukuthi bazama ngayo yonke indlela ukusiza izinkakha zakudala zemidlalo ehlukene uma kukhona eziqhamuka nakho.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.