Imibhikisho yaseSoweto isibambezele ukuqala komdlalo weBucs

Imibhikisho yaseSoweto isibambezele ukuqala komdlalo weBucs
I-Orlando Stadium
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Ukuqubuka kwemibhikisho emalokishini ehlukene eSoweto ngoLwesine ntambama sekubambezele ukuqala komdlalo we-Orlando Pirates neBaroka.

Lamaqembu azogadulisana e-Orlando Stadium emdlalweni weDStv Premiership.

Lo mdlalo bekuhlelwe ukuthi uqale ngo-7.30 kodwa ubuye washintshwa ngenxa yokuthi amaqembu abambezelekile ukufika enkundleni.

Ngokusho kwezikhulu lokhu kudalwe wukuthi izindlela eziningi ezibheke e-Orlando Stadium bezivalekile ngenxa yemibhikisho.

Kuthiwa kuze kwasiza amaphoyisa azamile ukuvula izindlela ukuze amaqembu agcine efikile enkundleni.

Afike seligamenxe vele ihora lesikhombis aleli obekumele umdlalo uqale ngalo.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.