‘Yimina engafaka uBenni Osuthwini,’ kusho uMngqithi

UManqoba Mngqithi

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kukhona ukuxhumana okuyisimanga kodwa okungajwayelekile kubaqeqeshi ababanga isicoco seDStv Premiership kule sizini ka-2020/2021.

Lokhu kuvele enkulumweni yakamuva kaMnqoba “TV” Mngqithi oyingxenye yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns elokhu ishosholoze njalo ibheke ekuvikeleni isicoco sayo seligi.

Yize kusobala ukuthi akekho osengavimba iSundowns, kodwa okwenziwa AmaZulu FC asendaweni yesibili neLamontville Golden Arrows kweyesithathu yikhona okuyohlale kukhunjulwa ngakho le sizini.

Ngokwenkulumo kaMngqithi lokhu kuxhumana (kwalaba baqeqeshi ababanga isicoco) kujule kakhulu ngale ndlela yokuthi akakholwa ukuthi umqeqeshi woSuthu uBenni McCarthy akanalo ulwazi lwakho (lokhu kuxhumana).

Lo mqeqeshi weSundowns ebhaxabule i-Orlando Pirates kanzima iyikhipha kwiNedbank Cup ngoLwesine, usebenze kakhulu noMandla Ncikazi naye ogila izimanga kuBafana Bes’thende kule sizini.
“Mhlawumbe kwayena uBenni (McCarthy) akazi ukuthi yimi ophakamise igama lakhe ngesikhathi usihlalo waMaZulu uSandile (Zungu) efuna umqeqeshi.

“Ngisondelene noZungu ngakho-ke yimina engiphakamise ukuthi akalande uBenni. Uma ungakholwa ungambuza futhi uZungu,” kusho yena sakuchoma.

“Buka manje kwenzekani Osuthiwini ngenxa yomqeqeshi ophakanyiswe yimi? Isifiso sami esikhulu ukufa sengiveze inqwaba yabaqeqeshi abangabokuzalwa kuleli,” kusho uMngqithi.

Uyazazi ukuthi ungumholi futhi uyaqonda ukuthi ukuze kuphumelele akwenzayo, kufanele asondelane kakhulu nabantu abanomqondo ofana nowakhe, abazomkhulisa.

“Abantu abakwazi ukuthi mina noSteve (Komphela) singaphezulu kokuba abangani noma abaqeqeshi kepha ufana nomfowethu wegazi.

“Konke lapho efunde khona nami bengikhona kangangokuthi sathembisana ukuthi noma ikuphi la oyedwa wethu ezothola khona umsebenzi eqenjini elikhulu uzolanda omunye azomsiza.

“Akwenzekanga-ke nokho lokho ngesikhathi ekwiKaizer Chiefs ngoba nami vele bese ngiseqenjini elikhulu,” kulandisa uMngqithi.

Akumethusi okwenziwa uNcikazi kwi-Arrows ngoba umazi ukusuka nokuhlala njengoba bedle ndawonye isicoco seMTN 8 ndawonye ngo-2009 naBafana Bes’thende.

“Okwenza uNcikazi agqame manje ukuthi ubengelona iphini eliqoqa amabhola lilalele elitshelwa khona kepha ubenethuba lokuthi aqeqeshe naye ngokwakhe,” kusho lo mqeqeshi.

ISundowns kaMngqithi inamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-20 yeligi lapho ilandelwa khona ezikaMacCarthy ngamaphuzu angu-40 kwengu-22.

Kweyesithathu indawo kuhleli i-Arrows kaNcikazi ena-38 wamaphuzu emidlalweni engu-22.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.