Iminjunju kwiGalaxy iwashiswa ‘amavukana’ ijezi kwiNedbank Cup

Bekushube kanje emdlalweni womkhaya baseMpumalanga, iTS Galaxy neTS Sporting

OKADONGA GUMBI

INedbank Cup yindebe okuthi uma kukhulunywa ngayo kwiTS Galaxy kuvuke izinkumbulo ezimnandi kodwa sekuyomele ibuyele emlamdweni uma ifuna ukusho okuthile ngalo mqhudelwano njengoba seyikhishwe ekuseni kwaze kwakabili kulandelana kusukela yawuwina ngo-2019.

IGalaxy isale incela izithupha njengoba bekusa ngokunye ibona isifiso sayo sokuphinda iyidle le ndebe sishabalala kalula ngoMgqibelo e-Ellis Park Stadium, eGoli.

IRockets iwashiswe ijezi womkhaya bayo baseMpumalanga, iTS Sporting sekukhahlelwa amaphenathi kulandela ukuthi zishikilisane zaze zabukana emdlalweni ophele ngo 0-0.

Nokho leli qembu likaTim Sukazi kumele lizisole lona ngalo mphumela ngoba liziyekele lona linamathuba okushaya amagoli kwaze kuba kuyiwa phansi kwapali la okusuke sekufana nokudlala iLotto.

Kube nguMlungisi Mbunjana obe nebhadi lokuvinjelwa eyakhe iphenathi, kwaphela kanjalo ke ngaleli qembu eliphekwa umakadebona ongu-Owen Da Gama.

Komunye umdlalo weNedbank Cup ngoMgqibelo, iCape Town City iphendule iBloemfontein Celtic omphushana iyithela ngehlazo lika 4-0 emdlalweni obuseCape Town Stadium.

Kube nguTashreeq Morris obe yiqhawe leCitizens eshaya amagoli amathathu kwathi elinye kwaba nguThabo Nodada olibasela enethini.

Noma ngabe yini ayishilo kubadlali bakhe umqeqeshi weCity, uJan Olde Riekerink ngesikhathi sekhefu isebenzile njengoba bebuye sebethelwe ngezinonkolo bayibhubhisa iPhunya Sele-Sele.

UMorris uwuqale ngomzuzu ka-59 umkhankaso wakhe wamagoli evalela enethini ibhola ebeligotshwe nguCraig Martin ngakwesokudla.

Ngomzuzu ka-67, ubuyile futhi uMorris, wangqofela phakathi ikhona ebishaywe nguFagrie Lakay. UThabo Nodada naye ube esebhala nelakhe igama eduze kwelikaMorris ngelihle igoli ngomzuzu ka-74.

UMorris ubesezigwazela entweni efile vele eshaya igoli lakhe lesithathu nobekungelesine leCity sekusesikhathini esengezwe ngunompempe.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.