SIHLE NDLOVU
Ukuya e-India kwabadlali baseNingizimu Afrika kubukeka kube yiphutha elikhulu uma kubukwa ukuthi obese kwenzeka kwi-Indian Premier League (IPL).
Njengamanje iCoronavirus idla lubi e-India futhi sekukhona nabadlali abalokhu betholakala benaleli gciwane abebeyibambe khona kwi-IPL.
Abadlali abafana noKagiso Rabada, Anrich Nortje, David Miller, Lungi Ngidi, AB de Villiers, Chris Morris bayibambe kwi-IPL kanti isimo sase-India sibukeka siyingozi kakhulu njengoba isibuye ngamandla iCoronavirus.
Le midlalo iqale kuvele kungekuhle njengoba uSachin Tendulkar, oyisithandwa sekhilikithi emhlabeni, eke waphuthunyiswa esibhedlela ebanjwe yilo lolu khuvethe.
Ngaleso sikhathi ibisazoqala imidlalo ye-IPL. Nokho ngoLwesibili usihlalo we-IPL uBrijesh Patel unqume ukuyimisa le midlalo ngenxa yokusabela izimpilo zabadlali.
“Umqhudelwano usumisiwe ngenxa yokubhekelela ukuphepha kwabadlali nabo bonke abaxhumene nawo.
“Sizozama ukuthi sidlale lo mqhudelwano esikhathini esizayo. Kodwa lokho kubukeka kungeke kwenzeke kule nyanga,” kusho uPatel.
ICricket South Africa (CSA) ithe iyaseseka isinqumo sokumiswa kwe-IPL ngenxa yokudlanga kweCoronavirus.
“I-CSA iyahambisana nesinqumo sokuhambisa phambili impilo nokuphepha kwabo bonke abayingxenye yalo mqhudelwano.
“Sesixhumene namaqembu afanele ukuqinisekisa ukuthi bayabuya abadlali baseNingizimu Afrika nabanye abebesebenza kulo mqhudelwano bakuleli,” kusho iCSA
“Labo abazobuyela eNingizimu Afrika bazohlala ngabodwana ngokulandela imiyalelo yeWorld Health Organisation (WHO).
“I-CSA neSouth African Cricketers Association (SACA) bayaxhumana nabo bonke abadlali futhi banesiqiniseko sokuthi baphephile, bahleli kahle lapho bekhona.”
Email:Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA