‘Impatho yomkami yiyo engenze istufuza,’ kusho uKhune weChiefs

'Impatho yomkami yiyo engenze istufuza,' kusho uKhune weChiefs
U-Itumeleng Khune nomkakhe uSiphelele
Sbongs Gumbi

Esanda kushada, u-Itumeleng Khune uzithole entanta emafutheni njengoba umkakhe ebemtotosa, emfida nangokudla ezama umjabulisa wagcina ephenduke istufuza.

Kodwa lokhu kube nomphumela abengawubhekile njengoba egcine engeza isisindo, wazithola eseyisitufuza.

Ekhuluma okokuqala ngale nkinga yakhe yesisindo ephoqe ukuthi iKaizer Chiefs imakhele uhlelo olukhethekile lokwehlisa amafutha, uKhune uthi yinjabulo yokushada eyamlimaza.

“Yazi ngike ngayicabanga lento yesisindo sami ngesikhathi ngisendleleni ngiza lapha (eNaturena),” usho kanje uKhune.

“Ngicabanga ukuthi lento iqale ngisanda kushada, umkami ubengitotosa ekhaya. Kwesinye isikhathi bengidla izidlo eziyisithupha ngosuku…

“Bekuphela isikhashana bese engibuza ukuthi angilambile yini, angidingi lutho engizoludla? Nami benginganakile, bengivele ngivume bese ngimimilita noma yini ayilethayo.

“Ngangingazinakile ukuthi nginyusa isisindo ngaleso sikhathi. Mina ngangizikala ngokuthi uma ngifika ejimini ngisakwenza konke ebengivele ngikwenza ngaphandle kwenkinga.

“Kodwa abanye bebengibona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesisindo sami,” kuchaza uKhune othe manje usesesimweni esifanele ngokwesisindo yize esafuna ukwehla.

“Manje sengisesimweni esihle impela ngokwesisindo ngakho lolu hlelo ebengikulo lusebenzile. Uma ngigqoka ijezi selingilingana kahle, alisangimpitshi.

FUNDA NALA: OwoSuthu ufuna bawuwinele abalandeli abazowudlala neDowns

“Ngizizwa ngathi ngingumfanyana oneminyaka engu-12 manje. Ngizizwa ngilungele ukulwela indawo yami lapha eqenini bese ngibuyela nakwiBafana Bafana.”

Uthe wehlise isisindo esingu-10kg wonke ngesikhathi ekulolu hlelo abefakwe kulo yiChiefs ngenhloso yokuthi abuyele esimweni.

“Kuke kwakhona isikhathi la bengishaya khona u-94 esikalini kodwa sengehlile ngaba ku-84. Ngisafuna ukuqhubeka nokwehla kuze kufike la abantu bezohleba khona bethi, ‘hhayi iyagula le’.

“Nalapho ngeke ngibe nenkinga yokuhlolela izifo esidlangalaleni,” kuchaza uKhune ongasesona istufuza nosebuyele ekuqaleni imidlalo kwiChiefs.

Kulindeleke kube nguye oqalayo futhi uma sebebhekene neSuperSport United eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa emdlalweni weDStv Premiership.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *