IMPI: UNgcobo weChiefs uthi bawafuna ephelele amaphuzu kwiLeopards

UNkosingiphile Ngcobo, Khama Billiat noRamahlwe Mphahlele
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukungena kweKaizer Chiefs kwiTop 8 kuncike ekuwineni yonke imidlalo emithathu esele nokuthi eminye imiphumela ivune leli qembu laseNaturena.

Amakhosi azithola esendaweni ka-11 kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-30. Kumele nakanjani leli qembu elicijwa uGavin Hunt liqoqe amaphuzu aphelele emidlalweni esele kuqala ngelizowudlala neBlack Leopards, eThohoyandou Stadium, ngoLwesithathu, ngo-3 ntambama.

Ukuwina kweChiefs lo mdlalo nokugwema ukudedela amagoli kungayinyusela endaweni yesishiyagalombili kwilogi. Nokho kuyaziwa ukuthi iLeopards ayigayelwa mphako uma idlalela eThohoyandou, futhi ke iChiefs aziyihambeli kahle izinto kwiPremiership kule sizini.

UNkosingiphile “Mshini” Ngcobo wazi kahle ukuthi kumele bazame ukubuya nomphumela omuhle eThohoyandou ngoLwesithathu.

“Senze kahle njengeqembu eTanzania, manje sesibheke eThohoyandou. Sizilungiselele futhi siwulindele umdlalo,” kusho uNgcobo. IChiefs ishaywe ngo 3-0 yiSimba SC, yaseTanzania, emdlalweni weCAF Champions League ngempelasonto. Nokho igcine iwine ngo 4-3 uma sekuhlanganiswe imilenze emibili.

“Indawo esihleli kuyona kwilogi ayiyinhle neze eqenjini elifana neKaizer Chiefs. Kodwa kumele siwine imidlalo esisalele ukuqinisekisa ukuthi siyenyuka,” kubeka uNgcobo obe nesizini enhle kwiChiefs, yize kungayihambeli kahle kweyeligi.

“Into yokuqala ukuthi kukude eThohoyandou kanti nesimo sezulu sinokwakho. Nokho sidinga ukuzilungiselela ngokomqondo bese siphume siyolwa.”
Email: editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *