IMvelo Promotions iqinisa amabhokisa aseKZN ngezimpi eziqinile

IMvelo Promotions iqinisa amabhokisa aseKZN ngezimpi eziqinile
UNomvelo Mgcaba Shezi
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook

Izimpi ezihlelwe iMvelo Boxing Promotions zizodla ngokujiya ngenxa yokuthi kuqhathwe amabhokisa aqhamuka eGauteng nawaKwaZulu-Natal.

Ngokusho kukaNomvelo Magcaba Shezi. umphathi weMevlo Promotions, bafuna ukuqinisa kakhulu ukhakhayi kumabhokisa aseKZN njengoba bewaqhatha nawakwezinye izifundazwe nje.

Kumanje kuphelile ukubona amabhokisa alapha kusifundazwe exhimfana wodwa ngoba kudala ukuthi bangakwazi ukuhamba ibanga elide kulo mdlalo.

Banqindeka amava okumelana nezinselelo zamanye amabhokisa aqhamuka kwezinye izifundazwe namazwe.

“Indlela yokulwa yamabhokisa aqhamuka eGauteng ayifani neyaqhamuka e-Eastern Cape  kanjalo naqhamuka Limpopo awafani…

“Njengamanje sifuna amabhokisa azoba ngumqansa ukuthi ungamelana nawo njengoba siqala sikhomba indlela ebheke ezingeni lomhlaba nje.

“Sifuna amabhokisa azokwazi ukumelana nanoma ngabe yiliphi izwe elihamba phambili kwezamangqindi njenge-Amerika, Mexico, Russia, UKaine ne-England,” kulanda uNomvelo

Sekuqala ukugqama manje ukuthi uNomvelo uma ehlela izimpi ziba sezingeni eliphezulu kakhulu.

Ubonakala ekhula njalo uma ehlele impi. Kuyabonakala ukuthi uyafunda ngamaphutha angaphambilini.

Nokuthi kuyabonakala ukuthi uyahambisana nekhwelo lomnyango wezemidlalo waKwaZulu-Natal ukuthi abangagcini icala auma ehlela izmpi.

FUNDA NALA: UMudau ukhula mawala kwiSundowns

Kuke kanezikhalo phambilini ukuthi ophromotha bavele bafune uxhaso bese beqhatha izimpi ezingenasasasa.

Kungase kuvulelwe abalandeli okokuqala ukuba bazobuka lezi zimpi ezizoba ngo-Okthoba 24 ehholo lomphakathi laseMgumgundlovu.

Ezimpini ezibhekiwe kukhona ekaThelumusa “Mfundisi” Ngema waseKZN ozobhekana noThato “Captain” Bonokoane ophekwe nguLehlohonolo Ledwaba osanda kushona.

Le mpi izohlabahlosa kwazise uMfundisi uke waphatha ibhande leWBF ezingeni lamazwe ngamazwe aliwina eBotswana ngo-2019  kanti uThato usanda kubuya eRussia lapho efike waguqa khona.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.