Imvula icishe yaphazamisa iSuperSport ekuwoleni amaphuzu eThohoyandou

OkaDonga Gumbi

Ukhala ngokuthi bacishe bageja abangawaqoqa amaphuzu agcwele umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo ngenxa yenkundla ebigcwele amanzi kungadlaleki eThohoyandou Stadium, la beshaye khona iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 2-0 ngeSonto.

UTembo uthi bekungadlaleki qobo ngesiwombe sokuqala futhi ukube imvula ayimanga ngabe cishe babuye bencela izithupha.

“Esiwombeni sokuqala asizange sidlale kahle ngenxa yokuthi kusithathe isikhathi ukujwayela isimo senkundla ebiwudaka. Besiwalahla amabhola ngenxa yalokho,” usho kanje uTembo.

“Nokho sizamile sasiqeda isiwombe sokuqala singangenelwanga goli. Esiwombeni sesibili bese kungcono kakhulu nendlela ebesishoshela, siphaselana ngayo beyisingcono.

“Sishaye amagoli amabili amahle, futhi savala kahle emuva. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eZimbabwe, nowafika kuMatsatsantsa a Pitori engumdlali eminyakeni eminingi edlule.

Amagoli eSuperSport ashaywe ngoBradley Grobler noSipho Mbule ngesiwombe sesibili. UTembo uthe ukudlula kwemvula nokuphuma kwelanga ngesiwombe sesibili kubasizile kakhulu ngoba kwenze kwadlaleka.

“Kunzima ukudlala enkundleni enjeyana. Kuze kwaba ngcono ngesiwombe sesibili ngoba bazamile ukumpompa amanzi abesenkundleni ngesikhathi sekhefu, futhi nemvula ibe seyisixolela.

“Nelanga liphumile lathi ukomisa kancane okwenze sakwazi ukudlala ngendlela esiyijwayele,” kubeka uTembo.

Leave a Reply

Your email address will not be published.