INatal Rich Boyz ingomakoti abanethezekile esicongweni seDStv Premiership

Sihle Ndlovu

IRichards Bay FC isajabulela ukuphatheka kamnandi kwiDStv Premiership njengoba iqhiphothe esicongweni kwilogi ngemuva kwemidlalo emithathu.

INatal Rich Boyz iphinde yakusebenzisa ukuthi idlalela ekhaya ngesikhathi ishaya iSekhukhune United ngo 1-0 koweligi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ebusuku. Leli qembu yisizini yalo yokuqala kwiPremiership kanti kubukeka sengathi kulihambela kahle njengoba lisayidlalele ekhaya yonke imidlalo emithathu.

UVasili Manousakis oqeqesha iRichards Bay ngokubambisana noPitso Dladla, uvumile ukuthi kubasizile ukukhishwa ngekhadi elibomvu komdlali weSekhukhune, uTashreeq Morris, kulo mdlalo.

“Ngemuva kwalokho siqale sadlala ibhola kangcono futhi saligcina. Besingadlali kahle ngaphambi kwalokho, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala,” kusho uManousakis ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi noshintsho esilwenzile lusizile kakhulu sabuyelwa ukuzethemba.”

INatal Rich Boyz seyiwine imidlalo emibili yadlala ngokulingana kowodwa selokhu kuqale isizini. Ihlukaniswe amagoli kuphela naMaZulu FC enamaphuzu afanayo ngemuva kwemidlalo emithathu.  Leli qembu laseMhlathuze lizobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni olandelayo weligi eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

“Banabadlali abahle ngakho kuzomele sibhekisise umdlalo wabo wokugcina. IChiefs ingabuya noma yinini. Nathi kumele siphinde sibuke umdlalo wethu neSekhukhune bese sibone ukuthi yikuphi lapho senze khona amaphutha,” kusho uManousakis.

“Nakanjani kuzoba umdlalo onzima eMoses Mabhida Stadium kodwa sizozama ukuwulungiselela.”

Umdlalo weBay neSekhukhune uqale sekudlule isikhathi ngenxa yokungasebenzi kahle kwezibani eKing Zwelithini Stadium. Igoli ewine ngalo iNatal Rich Boyz lishaywe uYanela Mbuthuma ngomzuzu ka-78. Ubengene endaweni kaSomila Ntsundwana ophume eselimele.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.