INatal Rich Boyz isizoyinyathela kwiDStv Premiership

Sihle Ndlovu

IRichards Bay FC izobe igijima kwiDStv Premiership ngesizini ezayo kulandela ukuba ngompetha beGladAfrica Championship ka-2021/2022.

INatal Rich Boyz iqinisekise ukuthi inyukela esigabeni esikhulu ngemuva kokubambana neCape Town Spurs ngo 0-0 emdlalweni weligi wokuphetha isizini eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.

Leli qembu laKwaZulu-Natal belidinga iphuzu kuphela ukuze liqinisekise ukuthi liba ngompetha beChampionship.

Ukunyukela kwiPremiership kweNatal Rich Boyz kuchaza ukuthi asemahlanu amaqembu aKwaZulu-Natal agijima kulesi sigaba. IBay ifice AmaZulu FC, yiLamontville Golden Arrows, yiMaritzburg United neRoyal AM.

I-University of Pretoria iphuthelwe kancane ukuba ompetha beChampionship njengoba ilale isibili kwilogi. Ivale isizini ngokubambana neHungry Lions ngo 0-0 eTuks Stadium, ngalo isonto.

Lokhu kuchaza ukuthi AmaTuks azodlala imidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiPremiership, kanjalo neCape Town All Stars eeqde endaweni yesithathu. Njengamanje kubukeka kuyiSwallows FC noma iBaroka amaqembu ePremiership okungase kuphume kuwona elizodlala eyokuhlunga.

I-TS Sporting neJomo Cosmos sebeyodlala kwi-ABC Motsepe League kulandela ukudliwa yizembe kwiChampionship. Kubukeka kuzoba nzima kakhulu kuJomo Sono nezakhe ukubuya kwiMotsepe League.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.