Indebe isibanukela emakhaleni abeSundowns Ladies

Isibanukela emkahleni indebe enkulukazi abeSundowns Ladies
UBongiwe Thusi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns Ladies isethubeni lokuba yiqembu lokuqala eliqhamuka kwiCosafa ukudlala umdlalo wamanqamu kwiWomen’s CAF Champions League yokuqala ebanjelwe eCairo, e-Egypt.

Abanyana Ba Style bazodlala owandulela owamanqamu weChampions League kulandela ukwenza kahle emidlalweni yamaphuzu. Indebe isibanukela emakhaleni.

Bawine imidlalo emibili base bedlala owodwa ngokulingana. Alikho igoli elisadedelwe yileli qembu lasePitoli.

NgoMsombuluko iBanyana Ba Style inomdlalo onzima nobaluleke kakhulu njengoba izobhekana neMalabo Kings yase-Equitorial Guinea kowandulela owamanqamu ngo-6.45 ntambama.

ISundowns seyivele yenze okukhulu ngokuhamba ibanga elide kangaka kulo mqhudelwano kodwa akungabazeki ukuthi bafuna ukubuya nayo indebe e-Egypt.

Umdlali wasesiswini weSundowns, uBongiwe Thusi uthe bajabula kakhulu ngokufinyelela kuleli zinga lomqhudelwano.

“Kusho lukhulu kithina ukuthi sifinyelele emidlalweni eyandulela owamanqamu ngoba sisebenze kanzima ukuthi size kulo mqhudelwano.

“Bekuzosiphoxa kakhulu ukuthi singayidlali imidlalo eyandulela owamanqamu,” kusho uThusi.

“Kungiphatha kahle kakhulu ukuthi silwile njengeqembu saze safika lapho sikhona namuhla.”

Iqembu elizodlala neSundowns lithanda ukuba yingozi kodwa abadlali bakuleli bazoya emdlalweni benokuzethemba uma kubhekwa ukuthi badlale kanjani emidlalweni edlule.

FUNDA NALA: UChippa usegcine ehlulekile ukubekezela, wamdedela uHunt

Ukaputeni weSundowns uZanele Nhlapo uthe badlale ngendlela ebanika ukuzethemba emdlalweni wabo wokugcina wamaphuzu.

“Ngineme ngendlela esidlale ngayo, ikakhulukazi abadlali basemuva. Asilidedelanga igoli futhi bekubalulekile kithina lokho.

“Indlela amantombazane asebenze ngayo, yenza ngiziqhenye ngeqembu lami,” kusho uNhlapo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *