Indlela yokudlala uzoyisusela kubadlali anabo uHunt kwiChilli Boys

Indlela yokudlala uzoyisusela kubadlali anabo uHunt kwiChilli Boys
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UGavin Hunt uthi ngeke afunze abadlali beqembu lakhe elisha, iChippa United indlela yakhe yokudlala. Azokwenza wukuthi abheke uhlobo lwabadlali anabo bese icebo lokudlala elakhela kwazokuthola kulokho.

UHunt usenamasonto amathathu aqashwa kuleli qembu lase-Eastern Cape kanti uthi ubesagxile ekuqinisekiseni ukuthi bonke abadlali bafithi ngokwanele.

“Okwamanje sizazama ukuqiniseka ukuthi amazinga okuba fithi asesimweni esifanele. Sizama nokubona ukuthi yibaphi abadlali abakwazi ukudlala ndawonye,” kusho uHunt.

“Besilokhu senza izinto ezihlukene. Asikagxili kakhulu kumacebo okudlala (okwamanje). Sisazobuyela kukho kahle kulamasonto ambalwa ezayo.”

UHunt ugcwele ukuzethemba ukuthi uma esethole abadlali abambalwa abona sengathi ushoda ngabo eqenjini lakhe uzokwazi ukwakha inqanawe yeqembu.

IChilli Boys beyiwukudla kwenduku ngesizini edlule futhi isinde ngokulambisa ekudliweni yizembe. Ibuye seyidlala kweyokuhlunga.

UHunt uthi baningi abadlali abawuhlobo olufanayo kuleli qembu nokiyinto afuna ukuyishintsha ngokushesha. Uzosayina abahlukile maduze nje uma esho.

“Ikhono likhona impela. Kodwa kuyashoda uma ubheka ubuhlakani obudingeka emdlalweni. Sizokulungisa kodws lokho.

“Kuyinto ebulelekile kodwa sidinga ukuthi sibe nobuhlakani ngendlela esidlala ngayo, sibe nendlela eyodwa noma ezimbili esidlala ngazo.

FUNDA NALA: Izovulwa yi-Arrows neSuperSport isizini entsha

“Ngicabanga ukuthi yilokho engisakubonile kulaba badlali esinabo. Kumele sithole abanye abahlukile ukuze uma sibhekana nezimo ezihlukene emdlalweni sikwazi ukumelana nazo.”

Indlela afuna ukudlala ngayo? UHunt uthe: “Ayikho indlela emile engifuna ukudlala ngayo, ibhola yibhola nje. Uma sesithole laba badlali esibafunayo, sizokwazi ukusebenza ngendlela esizodlala ngayo.

“Kukhona abadlali esinabo lapha esibahlolayo, yinto exakile kodwa engiyijwayele nebengiyilindele. Bakhona eseivele sibasayinile, bazokwethulwa emphakathini maduze nje.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.