Indumalo AmaZulu evula ngenduku kwiChampions League

ngenduku
UBenni McCarthy
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuwumqansa omkhulu ke manje kuMaZulu FC kwiCAF Champions League njengoba ewuqale ngenduku umkhankaso wawo esigabeni sokuhlunga.

Usuthu luvuthululwe ngenduku ka 1-0 yiNyasa Big Bullets eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu kusihlwa.

AmaZulu azithole esephefumula ngenxeba yize bekuyiwo abelawula umdlalo futhi ehlasela ephindelela emapalini eBig Bullets.

Kube nesidididana ngaphakathi ebhokisini loSuthu, waqhamuka kuboa lobo bumnyama uChuikepo Msowonya wathatha ibhola walibeka enethini.

Ngemuva kancane nje kwalelo goli, iBig Bullets ibe seyisala ingasaphelele kulandela ukukhishwa kukaYamikani Fodya ngekhadi elibomvu.

Usuthu luzamile ukubuya futhi bekumele kuyiwe ekhefini sekulinganisile okungenani. Kodwa ludlale ngawo amathuba.

Oyeke elilula kakhulu kube nguSphesihle Maduna ovele walibhamuza laphuma phezulu ibhola ephansi kwepali sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.

Nasesiwombeni sesibili Usuthu yilo olubuye lusadlala kahle futhi lucindezela. Ibhola belidlalelwa engxenyeni enkulu yeBig Bullets isikhathi esiningi.

KOdwa mhlawumbe iphutha ebelenziwa yileli qembu likaMcCarthy wukuqhubeka nokudlala ngendleal eyodwa yize beyingasebenzi.

AmaZulu abelokhu eqhubekile nokuthumela amabhola ahamba emoyeni ebhokisini lePeople’s Team yize beyinezitobha ezinde futhi zizadla kalula lamabhola.

FUNDA NALA: UThela usesiyekile isibongo sakhabonina, usengowakwaThela

Amathuba aze aba ngcono sekungene oKeagan Buchanan, Pule Ekstein noSiyethemba Sithebe abebelibeka phansi bezame ukungena nalo.

Empeleni nje uBuchanan ube nebhadi ukuthi angalitholi igoli njengoba amabhola akhe amabili abewashaye ekude ezishayise epalini esemhlulile unozinti.

AmaZulu sekuzomele azame ukuthola umphumela omuhle – okuwukuthi awine ngamagoli amabili kuya phezulu ukuze adlulele phambili kulo mqhudelwano.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.