INetherlands ibagwinyisa amazwi abo abebeyingabaza kwi-Euro

uDenzel Dumfries
UDenzel Dumfries weNetherlands
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Ngaphambi kokuqala kwemidlalo ye-Euro 2020 abahlaziyi bebhola lezinyawo, omakadebebona, izintatheli nabalandeli bebethi mancane amathuba okuthi iNetherlands yenze kahle kulo mqhudelwano.

Bebebeka izizathu eziningi, kodwa manje kubukeka sengathi leli qembu eliphekwa nguFrank De Boer lenza amathe abuyele kwasifuba kwabaningi abebelingabaza.

INetherlands ioyine i-Italy neBelgium emazweni asevele ezibekisele indawo esigabeni somkhumulajezi kulandela ukuhlula i-Austria ngo 2-0 ngoLwesine ebusuku e-Amsterdam.

EzikaDe Boer zizoqeda ziqhwakale kuGroup C. Ukubuya kukaMatthijs de Ligt ovala kwasani emuva noFrenkie de Jong owenza izinto zenzeke enkabeni yenkundla kwenza iNetherlands ibukeke njengelinye lamaqembu aqinile kakhulu kulo nyaka.

Izibalo zomdlalo weNetherlands ne-Austria ziveza ukuthi leli qembu seliqine kakhudlwana kunaphambilini. I-Oranje ibingaliboni kakhulu ibhola kune-Austria (46.9 percent) kodwa yiyo ebiyingozi uma iliphethe njengoba uDe Jong elithinte izikhawu ezingu-77 engalilahli esiswini.

Akekho umdlali owine ibhola njengoDe Jong (12) futhi akekho oliphase kaningi njengaye (49). Nguye ophinde wakha amathuba okuhlasela ukudlula abanye abadlali kulo mdlalo (58).

Konke lokhu kukutshela ukuthi iNetherlands iqine kangakanani esiswini. Umgadli wayo, uMemphis Depay ukhahlelele ipali amahlandla amahlanu ngesiwombe sokuqala waphinda wavalela enethini iphenathi eyakhiwe esinye isibabuli uDenzel Dumfries.

UDepay nguyena ohamba phambili ngokushaya amagoli eqenjini leNetherlands, useshaye amagoli angu-27. Ulandelwa nguGeorgino Wijnaldum oseshaye engu-22 kuze kube manje.

Akekho ongangabaza ikhono likaDepay lokuhlohla amagoli. Lokhu kwenza iNetherlands ibe yinkinga kwamanye amazwe asazodlala nayo.

UDumfries wayeqala ukushayela iNetherlands igoli ngesikhathi equlela phakathi igoli lokunqoba umdlalo wabo ne-Ukraine ngempelasonto edlule.

NgoLwesine uphinde wenze ezibukwayo ekhanda iphenathi wabuye wabeka enethini igoli lesibili. Njengamanje ungomunye wabadlali abazihola phambili ngokushaya amagoli selokhu uqalile lo mqhudelwano. Emdlalweni olandelayo, iNetherlands izodlala neNorth Macedonia ngoMsombuluko e-Amsterdam.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *