Ingase ixoshwe unomphela iCosmos ebholeni ngokupheka ubufakazi

Ingase ixoshwe unomphela iCosmos ebholeni ngokupheka ubufakazi
UJomo Sono weJomo Cosmos engase ixoshwe ebholeni uma itholwa inecala
Sbongs Gumbi

IHungry Lions seliyambele ubulungiswa nokuthi kugezeke igama layo kulandela ukuthi ibhecwe yiJomo Cosmos ngecala engalenzanga.

ILions ibona ukuthi igama layo lihuduleleke odakeni ngemuva kokuthi iCosmos iyisole ngokuthi yasebenzisa umdlali obengabhalisiwe ngendlela efane.

Yingakho ke isithi ifuna ukufaka elayo icala ekomidini lePSL eliqondisa ubugwegwe ukuze ligezeke igama layo, balalinaphazile bakhokhe ngalokhu.

Ukuba liqhubekile icala futhi yaliwina iCosmos, iLions beyizophucwa amaphuzu bese lokho kwenze kube yiyo edliwa yizembe kubuye iCosmos.

Nokho ibanjiwe iCosmos eqeqeshwa nguJomo Sono oyinkankha yakuleli ehlonishwayo ukuthi ibuphekile ubufakazi, yagijima yayolihoxisa icala obekumele lihlalelwe ngoMsombuluko ntambama.

“Ngesikhathi silungiselela ukuyobeka isayidi lethu wkomidini eliqondisa ubugwegwe kwiPSL, mina bengizomela iHungry Lions nomdlali uThato Mohlala.

“Siyithemba labammeli abebezomela iLions sithole incwadi ethi sebeyahoxa kuleli cala ivela kubammeli beJomo Cosmos,” ucashunwe esho kanje kwabeSABC Sport uKarabo Thsabuse.

“Kumele ke sikubeke kwaziwe ukuthi le ncwadi siyithole ngemuva kokuthumelela ubufakazi obuveza ukuthi lo mdlali akakaze abhaliswe yiJomo Cosmos kulesi sikhathi abebethi bambhalisa ngaso.

“Sibathumelele nobufakazi obuqinile okukhona kubo anamakhadi eSafa aveza ngokucacile ukuthi lo mdlali obebhaliswe enkulisa yeKaizer Chiefs.

“Sinabo nobufakazi obuveza ukuthi iJomo Cosmos ibuphekile ubufakazi bamakhadi okudlala besebenzisa isithobe salo mdlali abasithola kwiFacebook.

FUNDA NALA: Iqede ukuqagela iPirates imemezela umqeqeshi wayo omusha

Lesi sithombe sasithathwe nyakenye ngesikhathi lo mdlali eseneminyaka engu-21,” kuchaza lo mmeli okhula mawala emkhaheni womthetho yezemidlalo.

Uthe iLions seyimyalele ukuthi aqhubeke aye esigungwini sePSL esiqondisa ubugwegwe aface icala ukuze inxeshezelwe iLions nalo mdlali ngoba bahlazekile ngalokhu.

“Engikuyalelwe wukuthi ngifake isicelo sokunxeshezelwa ngoba iHungry Lions ihlazekile emphakathini ngenxa yokuziphatha okungafanele kweJomo Cosmos,” kusho uTshabuse.

“Yize bona sebelihoxisile icala, thina sizocela umshushisi wePSL ukuba aphenye bese ebeka icala bese iCosmos iyekiswa ukuzibandakanya ebholeni kuzo zonke izigaba.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.