Ingene emjahweni wesicoco seGladAfrica iFree State Stars ishaya iCT All Stars

UCohen Stander weCape Town Spurs noSello Letoaba weJDR Stars

OKADONGA GUMBI
Isizibeke ethubeni elihle lokulwela ukubuyela esigabeni esiphezulu sebhola kuleli iFree State Stars njengoba seyisendaweni yesihlanu kwilogi yeGladAfrica Championship.
IStars yenyukele kule ndawo ngemuva kokushaya iCape Town All Stars ngo 3-1 ngoLwesithathu ntambama, kanti seyinamaphuzu angu-25, futhi isele ngayisithupha kwiSekhukhune United neRichards Bay abaphezulu.
I-Ea Lla Koto ibukeka iyinhle kakhulu kusukela kufike u-Alan Freese ngoJanuwari futhi uma ingaqhubeka nalo mgqigqo ingazithola seyibuyele kwiDStv Premiership.
UKamogelo Sambo nguye oqale umcimbi wokulinyazwa kweGugu leKapa ngesikhathi eshaya igoli lokuqala ngomzuzu ka-14.
Ube eselandelwa nguMonnapule Saleng ngelesibili ngomzuzu ka-38, kwayiwa ekhefini sekucaca ukuthi amaphuzu ayaphi.
U-Abdel Suanon ube eseshayela isipikili sokugcina ngomzuzu ka-64, eqinisekisa ukuthi amaphuzu amathathu baya nawo eQwaqwa.
URonaldo Maarman ube esethola elokubika ekhaya le-All Stars ngomzuzu ka-77, kwasho khona ukuthi alisasizi ngalutho.
IJDR Stars nayo izitamuzele amaphuzu agcwele kwiCape Town Spurs, iyishaya ngo 2-1 ukuze iqinisekise ukuthi ayisaleli emuva embangweni wesicoco.
ISekhukhune yona ibuye sekuvalwe amehlo yashaya igoli ngomzuzu wokugcina ukwehlula iBizana Pondo Chiefs okuya ngokucaca ukuthi izogcina iliqomile izembe njengoba liyishela nje.
Imiphumela
NgoLwesibili: Royal AM 0 Jomo Cosmos 0; Cape United 0 University of Pretoria 2
ngoLwesithathu: Sekhukhune 1 Chiefs 0; Richards Bay 1 Pretoria Callies 0; CT Spurs 1 JDR Stars 2; CT All Stars 1 FS Stars 3; Polokwane City 0 Uthongathi 0; TS Sporting 3 Steenberg United 1

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.