Ingompetha be-Afrika iSundowns Ladies

Ingompetha be-Afrika iSundowns Ladies
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Iwenzile umsebenzi ebiwuyele e-Egypt iMamelodi Sundowns Ladies njengoba ingompetha beCaf Women’s Champions League bokuqala.

ISundowns Ladies iwine lo mqhudelwano obudlalwa okokuqala kulo nyaka ngokushaya iHasaacs Ladies yaseGhana ngo 2-0 kowamanqamu ngoLwesihlanu kusihlwa.

ISundowns Ladies iwuqale kahle umdlalo kuyiyo ephethe ibhola isikhathi esiningi kodwa beyehluleka wukwakha amathuba.

Bekuthi uma seyizama ukuya phambili ifice iHasaacas Ladies ibeke ibhasi emuva bese ingakwazi ukudlula.

Ngokuhamba komdlalo neHasaacas Ladies iqalile yakhululeka, yangena emdlalweni yaqala nayo ukuya phambili.

Beyibukeka iyingozi uma ifika ngasemapalini ka-Ayanda Dlamini kodwa bese itatazele ithathe izinqumo ezingafanele.

Kuthe kusenjalo, yavuleka emuva kwathi umnyakazo wokuhlasela ngokushesha kweSundowns Ladies kwaphetha ngegoli.

Bekungumzuzu ka-33 ngesikhathi ibhola elisuke maphakathi nenkundla liphelela ku-Andisiwe Mgcoyi obe eseligoba langena ebhokisini.

FUNDA NALA: Uthi iBafana izibozi ezindala owaseGhana

Lihlangane noChuene Morifi obesesalelwe wumsebenzi olula, angakalilahla walivalela enethini.

Izibeke endaweni enhle iSundowns Ladies ngomzuzu ka-65 ngesikhathi uMgcoyi eshaya igoli lesibili.

Kuke kwamiwa kancane ngemuva kwaleli goli kubhekisizwa ngeVAR ukuthi ubengekho yini endaweni engamfanele.

Ngemuva kokucwaningwa, kuvele ukuthi igoli kumele libalwe kwaba ngu 2-0 kanjalo ke.

Iqede umdlalo ingasaphelele iSundowns Ladies njengoba uRegina Mogolola evele wazitholela ikhathi elibomvu engakaqedi mizuzu emingaki engenile.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.