INGOZI: IChiefs isinukelwa yizembe kwiligi

UPhilani Zulu
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IBlack Leopards inciphise amathuba eKaizer Chiefs okuqeda kwiTop 8, yayibeka nasengcupheni yezembe ngemuva kokuyishaya ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eThohoyandou Stadium, ngoLwesithathu ntambama.

ILeoapards ibidinga ukuwina lo mdlalo ukuze angapheli amathemba ayo okuhlala esigabeni esiphezulu. NeChiefs bekumele iwine ukuze izame ukungena kwiTop 8.

Ukuwina kweLeopards kuchaza ukuthi isenalo ithuba lokuvika izembe kanti iChiefs ibukeka izoyizwa ngendaba iTop 8. Amaqembu abukeke egqishe esiswini kakhulu womabili engafuni ukudedelana.

Nokho ibilokhu ibukeka iyingozi iChiefs uma ihlasela. Ngomzuzu weshumi igcine ilitholile igoli iChiefs nelize noLeonardo Castro. Bekungemuva kokudlala kahle kukaLazarous Kambole egoba ibhola elihle kwesokunxele.

Ngemuva kwalokho iChiefs ilehlisile kakhulu izinga nokwenze ukuthi iLeopards iphaselane ibhola kangcono. Ngomzuz ka-34 u-Edwin Gymah ungqofe ibhola laphuma kancane phezulu kwepali kade kuyikhona.

Ngaleso sikhathi iChiefs bese ingasafiki kalula emapalini eLeopards ebisifuna ukuthola igoli lokulinganisa. Ngomzuzu ka-39 ibhola likaSibongiseni Mthethwa liphume kancane phezulu kwepali. Nokho kugcine konakele ngomzuzu ka-44 uTumelo Thutlwa eshaya igoli lokulinganisa, zaya ekhefini kungu 1-1.

Ngesiwombe sesibili iLeopards ibuye isingcono kakhulu kuneChiefs, ilinyathela kamnandi esiswini. Ngomzuzu ka-64 iqembu lasekhaya lishaye igoli ngonyawo lukaThutlwa kwaba ngu 2-1.

Izamile ukubuya iChiefs ngemizuzu yokugcina kodwa kwasho ukuthi iLeopards ayisafuni lutho emuva. Amakhosi angase azithole eqeda endaweni ka-15 ayodlala imidlalo imidlalo yokuhlunga uma kuqhubeka kanje. Indlela leli qembu laseNaturena elizabalaza ngayo kwiCAF Champions League nalokhu okwenzeka kwiPremiership, akufani nakancane.
Email: editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *