Ingqwele yeT20, uShamsi akaziqhakambisi usebenzela iqembu nje qha

Ingqwele yeT20, uShamsi akaziqhakambisi usebenzela iqembu nje qha
UTarbraiz Shamsi
UDABA: SihleNdlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uyingqwele yeT20 emhlabeni njengamanje kodwa akazikhathazi ngokuthi uzoyithatha yini iwikhethi noma cha uma edlala umshwibi weNingizimu Afrika, uTarbraiz Shamsi.

Lo mdlali uyena ozihola phambili ngokuthatha amawikhethi emhlabeni emidlalweni yeT20. NgoMsombuluko uthathe amawikhethi amane ngesikhathi amaProteas eshaya i-Ireland ngama-run angu-33 kwiT20 yokuqala eDublin.

“Ukuthatha amawikhethi akukho sezandleni zami. Ngingazama ukushwiba amabhola engicabanga ukuthi azoholela ekutheni ngithole amawikhethi. Kodwa kusuke kuncike nasekutheni abadlali ababhethayo badlali kanjani,” kusho uShamsi.

“Ngesinye isikhathi umdlali obhethayo uyazama ukukukhipha emdlalweni. Azame ngayo yonke indlela ukungakuniki iwikhethi. Ngicabanga ukuthi lokhu kuza namava ngoba kuqale manje ukuthi ngidlale njalo. Manje sengingazama ukuthola amava angcono.

“Kungenzeka ukuthi sengingomunye wabadlali abathathwa njengasebekhulile nabamamava eqenjini. Kodwa uma kukhulunya ngamava okudlala ezingeni lomhlaba angikahambi kakhulu.

“Into esengiyibonile manje ukuthi zimbili izindlela zokuwina umdlalo. Ngingazama ukuthola amawikhethi, noma ngizame ukuvimba ukutholakala kwama-run eqenjini esisuke sibhekene nalo,” kwenaba uShamsi.

Yize ekhuluma kanje lo mdlali kodwa ukuzihola phambili kwakhe kwabashwibayo kwiT20, sekumenze wahlonishwa futhi wesatshwa abadlali ababhethayo abaphambili emhlabeni.

“Okubalulekile ukuthi noma yikuphi ukaputeni asuke ekudinga ngalolo suku, ngizimisele ngokukwenza. Anginandaba kakhulu nokuthi ngesinye isikhathi ngeke ngiwathole amawikhethi.

FUNDA NALA: USibisi usezogijima kwiPirates, uMlungwana naye uyalandela maduze

“Ngesikhathi ngisemncane ngangicabanga ukuthi angidlalanga kahle uma ngingawathathanga amawikhethi. Njengoba sengikhulile, namaqhinga esiqhamuka nawo njengeqembu, umsebenzi wami ulula kakhulu,” kuphetha uShamsi.

Akungabazeki ukuthi uShamsi uzobe eyisikhali esiyingozi samaProteas kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ngasekupheleni konyaka. INingizimu Afrika izobhekana ne-Ireland emdlalweni wesibili weT20, ngoLwesine ngo-5 ntamama, eBelfast.

Ukuwina umdlalo wangoLwesine kuzosho ukuthi iqembu lakuleli seluhambe nalo uchungechunge lwemidlalo yeT20. Umdlalo wokugcina ungoMgqibelo eBelfast ngo-5 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.