Ingulube ibuyele odakeni iChiefs ithola isibhaxu kwiChippa

U-Augistine Kwem noBernard Parker

OKADONGA GUMBI

Iqhubekile nokugidagida ndawonye iKaizer Chiefs ishayelwa ekhaya yiChippa United emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu ntambama.

Ashaywa nje Amakhosi abeye kulo mdlalo ehambela phezulu kulandela ukumangaza iMamelodi Sundowns ngenduku ngempelasonto.

Futhi kuzomele izisole yona ngokulahla amaphuzu kwiChippa. Phela iChiefs beyizigelezela nje, ingena iphindelela ebhokisini leChilli Boys kodwa ingakwazi ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

Bekuthi noma kwenzekile izama ukukora, u-Ismail Watenga aphike alale ngomhlane, eyichithe leyo mizamo.

Kuthe sekuya ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, iChippa yaqala nayo yalunguza emapalini ka-Itumeleng Khune.

EzikaVladislav Heric zibuye ekhefini sezingcono kakhulu. Bese zihleleke kahle futhi seziya ziphindelela emapalini eZimpofana.

NeChiefs beyingamile ukuzama futhi ibe nebhadi incishwa iphenathi ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili. USibusiso Mthethwa umdonse waze wamqumba phansi uLebogang Manyama, kodwa unompempe wathi akukho cala kulokho.

Nokho nayo iChiefs beyibuye igange ngawo amathuba, buka nje ngomzuzu ka-53 umdlali onamamava, uBernard Parker uyeke imbuzi yethuba.

Uhlangane nebhola obekuyikhona eyedwa ebhokisini leChippa, kodwa wavele wangqofa into ebheke eceleni.

Kuthe sekusele ngaphansi kwemizuzu emihlanu uphele umdlalo, izinto zabhimba kuMakhosi.

UMulomowandau Mathoho uzame ukunika uKhune ibhola exinwe wu-Eva Nga, kodwa lo mgadli wafika kuqala kulo, waliphambanisa nonozinti.

Nokho kube wumnyakazo wakhe wokugcina uNga njengoba ekhishwe ngohlaka kwazise ushayisane kabuhlungu noKhune ngesikhathi ekora.

Amakhosi azamile ukubuya kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba iChippa ibisivimba kwasani emuva.

Ukuwina kweChippa kuzoyinsuyela ukuzethemba kodwa ayikaphumi enkingeni yezembe.

Lokhu kungenxa yokuthi neTshakhuma Tsha Madzivhandila iwinile njengoba ishaye iBloemfontein Celtic ngo 1-0 ngawo uLwesithathu ntambama.

IChilli Boys isasendaweni ka-15, kodwa seyiyishiya ngamaphuzu ayisithupha iBlack Leopards ebambe umsila. ITTM yona ibashiya ngephuzu elilodwa.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *