Ingulube seyikhumbule udaka koxoshelwe utshwala kwiChiefs

UDumisani Zuma waMaZulu FC
Aflred Ngubane

Kuvamise ukuthi kuthiwe lapho kushaye khona umbani uphinde ushaye futhi. UDumisani Zuma ongumdlali waMaZulu FC kuvela ukuthi usephinde adume ngazo njengoba elandelwa yishobolo lokucwila ezinkambeni zikaFaro.

Lo mdlali, ofike kuMaZulu evela kwiKaizer Chiefs akabonakalanga ngesikhathi Usuthu lubhekene neTS Galaxy eMbombela Stadium ngeSonto. Abaningi bazibuzile ukuthi kungani ngoba abadlali abasha abafana noGabadinho Mhango, uGeorge Maluleka no-Ethan Brooks bebekhona kulo mdlalo.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo ongaphakathi kuMaZulu, uZuma useke wavela ekomitini eliqondisa ubugwegwe leqembu wabe esenikwa isewayiso esinzima kakhulu ngenxa yokungaziphathi kahle. Ufike kuMaZulu evele enegama elingelihle neze kulandela ukuxoshwa yiChiefs abengaconsi phansi ezikhulwini zayo kodwa waziphoxa.

Kwale ngisho sebelande uSerame Letswako ukuthi azomsiza njengoba ukhulele kuyena kwiBloemfontein Celtic, kwaba nhlanga zimuka nomoya. Wahanjiswa ezikhungweni ezilekelela abahaqwe yizidakamizwa kodwa ukhukhu lwamuka nomfula.

“Okubuhlungu ngoDumi akasenabo abazali njengoba badlula emhlabeni. Ngaphambilini ubethatha amantombazane awagcwalise imoto kuyophuzwa utshwala,” kusho umthombo.

“Ngimfisela impilo enhle ngoba manje uzogcina eseyiqaqa elinganukwa nayinja emaqenjini. Ithuba alithole kuMaZulu FC kumele alisebenzise, ngelokugcina emaqenjini amakhulu kuleli.

“Ngicela amadoda akhaliphile amlekelele ngoba siyamdinga, ungumdlali onekhono eliyisimanga kodwa uhlaselwe yisihlava sedimoni lotshwala kuphela. Kodwa yena usenayo inhlanhla njengoba uSiphelele Ntshangase umngani wakhe uhlezi ekhaya akanaqembu ngenxa yotshwala, usanda kukhonjwa indlela yiMarumo Gallants.”

UBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu uthe akulona iqiniso ukuthi uZuma akadlalanga ngoba eseke wathola isexwayiso esinzima.

“Cha akulona iqiniso lelo bhuti. UZuma walimala kowamanqamu weKZN Premier’s Cup. Wakhishwa umdlalo ungakapheli ngenxa yalokho kulimala, futhi ngeke adlale namuhla (ngoLwesithathu) ngenxa yalokho,” kuchaza uMkhathini.

Nokho bonke ababesemdlalweni wamanqamu weKZN Premier’s Cup, eHarry Gwala Stadium, bayakuphika ukuthi uZuma wakhishwa emdlalweni ngenxa yokulimala. Empeleni bakuqinisekisile ukuthi akazange alimale kulo mdlalo futhi wawudlala wawuqeda. Kuyacaca ke ukuthi ‘ingulube’ ewuZuma seyidanse yadansa yagcina ikhumbule udaka lwayo, yabuyela khona.

Sekuvele kucacile ukuthi uZuma ngeke abe khona uma Usuthu selwamukela iSuperSport United, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni weDStv Premiership, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

Umbuzo uthi ngabe ikusasa lalaba badlali libheke kuphi? Ngabe imndeni nabahlobo babo bayabasiza yini ukuguqula impilo yabo ukuthi baphume ebugqileni botshwala namantombazane?

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.