UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Cishe inhlanhla iyona yinto engenayo iTS Galaxy ebibheke ukwakhela phezu kwewini yayo yokuqala yesizini.
Nokho inhlanhla iphinde yathi #Andizi leli qembu laseMpumalanga liguqiswa yiSuperSport United kwiDStv Premiership ngoLwesihlanu.
IGalaxy beyikade ithole iwini yayo yokuqala ngoLwesibili ishaya iBaroka FC ngo 2-1.
Kodwa ifike yaphinde yasala ikhala ithi inhlanhla ayiyivumanga njengoba iyeke umdlalo kade isihamba phambili.
Igcine isizama ukulwela ukuthi ithole iphuzu okungenani kodwa nalapho kwangalunga, yabuyela emuva ilambatha.
Bekucace zisuka ukuthi amagoli azoba khona kulo mdlalo yize bekubonakala sengathi zidlala imilala ngaqhinga.
Nokho isiwombe sokuqala siphele lingekho igoli njengoba womabili amaqembu ehlulwe amathuba.
IGalaxy kufanele ukuthi beyisiqalile ukuzibongela ngokuthi ithole iwini yesibili kulandelana.
Lokhu bekulandela ukuthi uMthobisi Ngomezulu eshaye elihle igoli ngomzuzu ka-62 futhi kungathi yiyo ecindezelayo.
FUNDA NALA: Kwanda izitha kuBroos, noBaxter usegadlile
Nokho isheshe yabuyiselwa kwamhlaba ngesikhathi uThamsanqa Gabuza eshaya elokulinganisa ngephenathi ngomzuzu ka-70.
Le phenathi ibibekwe ngemuva kokuthi u-Igor Makitan edlalise kabi yena uGabuza esebhikisini.
Kuthe kusathi kwetshiswa lokho, yabe seyihamba phambili iSuperSport ngemuva kwegoli elihle likaSipho Mbule.
Uthole ibhola esebhokisini leGalaxy, wajika isitobha wasishiya silicinga ngale ibhola libe lingapha qede wadedela ugesi weshodi ngonyawo lwesinxele layogaxela enethini.
ISuperSport izoyijabulela le wini njengoba nayo beyisishaywe kabili kulandelana ngaphambi kwalo mdlalo.