Inhlansi yethemba iMaritzburg iwola amaphuzu ekuhambeni

UTebogo Thlolane weMaritzburg United noSefako Matlala weTS Galaxy

OKADONGA GUMBI

Seliyaqina ithemba lokuthi iMaritzburg United izogcina iqhelile ezindaweni ezinobungozi bokudliwa yizembe kwiDStv Premiership njengoba seyibambe umgqigqo omuhle futhi seyiqalile ukuthola imiphumela ejabulisayo.

Okuhle wukuthi leli qembu liyawulwela umphumela kanjengoba lenzile eMbombela Stadium ngoMgqibelo kusihlwa lishaya iTS Sporting ngo 2-0, laphuma ngamaphuzu agcwele.

Le wini iyinyuse ngendawo eyodwa njengoba isikweka-14, kodwa iTshakhuma Tsha Madzivhandila engemuva kwayo isele ngephuzu elilodwa futhi isenomdlalo ewugodlile.

IBlue Hearts seyizomincela ukuthi omkhaya bayo, AmaZulu FC bayithele isibhaxu iTShakhuma abazobhekana nayo ngeSonto eKings Park Stadium.

Umdlalo bekucacile ukuthi owamagqubu kwazise iRockets yayifaka induku isekhaya iMaritzburg emzuliswaneni wokuqala.

Bezihubhana udede kodwa zihluleke ukusebenzisa amathuba ebeziwathola nokwenze kwayiwa ekhefini zibambene.

Kuthe esiwombeni sesibili iTeam of Choice yabona ukuthi liyashona ilanga ingenalutho esandleni.

Umqeqeshi ube esesasazela ngomgadli wakhe othandayo ukuvelela, uJudas Moseamedi okuthe esanda kungena nje kwacaca.

Yize kungeyena oshaye igoli, kodwa ukungena kwakhe kubonakale kuzitatazelisa izitobha nonozinti beGalaxy, baqala benza amaphutha.

UBongokuhle Hlongwane nguye oshaye igoli lokuqala, enamathisela enethini ibhola elihle alinikwe nguBandile Shandu ngomzuzu ka-74.

Kuthe sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele, uThabiso Kutumela waqinisekisa ukuthi amaphuzu bahamba nawo, eshaya igoli lesibili.

Leli goli liyicindezelile iRockets kodwa izamile ukubuya kwasho khona ukuthi noMarcel Engelhardt akazibekile phansi emapalini eMaritzburg.

Ukhombisile ukuthi yini le eyabonwa ngu-Ernst Middendorp kuye eze emlanda le eGermany emletha kuleli.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.