Inhliziyo kaSirino ayikhululekile kwiSundowns, kusho uMokwena

Inhliziyo kaSirino ayikhululekile kwiSundowns, kusho uMokwena
UGaston Sirino
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kungenzeka ukuthi uGaston Sirino usekuvumile ukuthi ungumdlali weMamelodi Sundowns kodwa inhliziyo yakhe kuyabonakala ukuthi ayisekho khona.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSirino uke wafuna ukushiya kwiSundowns njengoba ebefuna ukuya kwi-Al Ahly la abezohlangana khona noPitso Mosimane.

Izingxoxo zokudayiselana phakathi kweSundowns ne-Al Ahly aziphumelelanga njengoba kungavunyelwananga ngemali.

Manje akubonakali kusangaphinde kudayiselwane ikakhulukazi uma uPitso esekwi-Al Ahly njengoba kunegazi elibi phakathi kwakhe neSundowns.

USirino ijezi uselithola amacozucozu kwiSundowns kanti uMokwena usechazile ukuthi kwenziwa yini lokhu.

“UGaston ungumdlali osezingeni eliphezulu, unezinto eziningi ezinhle akwazi ukuzenza ezisiza iqembu.

“Impela siyamkhumbula ngoba indlela akadlala ngayo kuningi la avula khona kuvaliwe…

“Kodwa noma kunjalo, simdinga ukuthi abe sezingeni elifanele lokulungela ukudlala ngokomzimba nangokomqondo.

“Okwamanje kunale nselelo anayo. Unenselelo yokubuyela (ngokomqondo) eqenjini bese elwela indawo yakhe njengabo bonke abanye abadlali.

FUNDA NALA: Usakhala ngobukhali beBanyana e-Ellis yize ibhubhudla amaqembu

“Thina njengabaqeqeshi sinesimo la sinenqwaba yabadlali abakulungele ngayo yonke indlela ukudlala besiwinele imidlalo,” kuchaza uMokwena.

“Abanye abadlali basenza umsebenzi omuhle kakhulu, hhayi nje ngokuwina imidlalo kuphela kodwa nangokuncintisana okuhle.

“Ngeshwa thina sikwazi ukuqoka abadlali abangu-11 kuphela. Ngeviki elidlule sisebenzise uReyaad Pieterse epalini, wenza umsebenzi oncomekayo,” kcacisa uMokwena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.