Inhloko ihlukane nesixhanti kuTembo neSuperSport

Inhloko ihlukane nesixhanti kuTemo neSuperSport
UKaitano Tembo
OkaDonga Gumbi

Sebenqume ukwehlukana ngokuthula umqeqeshi uKaitano Tembo neSuperSport United, kulandela ukubhimba kwezinto kuleli qembu.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiSuperSport ngesitatimende esikhiphele abezindaba ngoLwesibili emini.

“ISuperSport United nomqeqeshi uKaitano Tembo, sebevumelene ngokuthi kuhlukwane ngezindlela. Iphini lakhe u-Andre Arendse nguye oqokwe ukubamba kuze kuphele isizini,” ifundeka kanje ingxenye yesitatimende.

UTembo ubesehlale iminyaka engu-23 kuleli qembu njengoba afika engumdlali ngo-1999, wabe esedlulela ekuqeqeshini.

“UKaitano uyisibonelo sokuzinikela eqenjini,” kusho isikhulu seqembu uStan Matthews eqinisekisa ukuthi nebala uTembo neSuperSport sebehlukene.

“Bambalwa abadlali abadlulela ekuqeqesheni eqenjini ababedlala kulo. Sifisa ukumbonga uKaitano ngale minyaka eminingi kangaka esebenza ezikhundleni ezehlukene kwiSuperSport.

FUNDA NALA: UZinnbauer uveza okwamenza wanquma ukushiya kwiPirates 

“Akulula ukwehlukana nomuntu onjalo kodwa uKaitano ngenxa yokwethembeka kwakhe nokuhlale efisela iqembu okuhle, ukubeke phambili lokho.

“Siyambonga ngakwenzile eqenjini kusukela esengumdlali noma esengumqeqeshi,”  kuchaza uMatthews.

UTembo uwine indebe eyodwa neSuperSPort okuyiMTN8 ayidla bebhekene neHighlands Park kowamanqamu ngo-2019.

Udedelwa nje ubesanda kukhala ngokuthi uyacindezeleka njengoba iqembu lidayisa abadlali abanamava bese lingazivali izikhala zabo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.