Inhlokomo eThohoyandou iTshakhuma ikhipha iSuperSport kwiNedbank

ULucky Nelukau

 

 

Sihle Ndlovu

Kubonakale injabulo osekunesikhathi bayigcina abalandeli ngesikhathi kutholene phezulu iTshakhuma Tsha Madzivhandila neSupeSport United, eThohoyandou Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.

Kulo mdlalo we-quarterfinal yeNedbank Cup kuwine iTshakhuma ngo 3-2 yize iSuperSport ike yahamba phambili ngo 2-0. Nokho okuhlalukile ukwesasa kwabalandeli abebesenkundleni, becula bejabule.

Bekungokokuqala ngqa kusukela ngo-2020 abalandeli bevunyelwa ukungena enkundleni uma kudlala imidlalo engaphansi kwePremier Soccer League (PSL). Konke kushintshwe ukuqubuka kweCoronavirus edlange kakhulu ngoMashi 2020.

Njengoba bekulindelekile abalandeli abaningi bebeseka iTshakhuma, egijima kwiGladAfrica Championship, ngoba iyona ebidlalela ekhaya. Bekuchwaza inkundla uma ibambe ibhola nokuyinto akade bayigcina abadlali.

Umdlalo ubushesha kakhulu kodwa kube yiSuperSport eyakhe amathuba amaningi ngesiwombe sokuqala. Akumangazanga ngesikhathi uJesse Donn eshaya igoli ngomzuzu ka-17, yahamba phambili iSuperSport.

Ngesiwombe sesibili umdlalo ubusashesha kakhulu. Kuphinde kwaba yiSuperSport eshaye igoli lesibili nokube yiphenathi ebekwe phakathi uGamphani Lungu ngomzuzu ka-63.

Kuchwaze inkundla ngesikhathi uTumi Ngwepe eshaya igoli leTshakhuma ngomzuzu ka-69, nokwenze ukuthi abalandeli bakholwe ukuthi leli qembu lisangabuya emdlalweni.

Nangempela kugcine konakele ngomzuzu ka-85 ngesikhathi uNaeem Amoojee eshaya igoli lokulinganisa, kwaphinde kwachwaza inkundla. Kuphoqelekile ukuthi umdlalo uye esikhathini esengeziwe.

Kube yiTTM eshaye igoli lesithathu ngomzuzu ka-101 kwajabula umqeqeshi wayo uLucky Nelukau obegqoke izingubo zamasotsha, nethimba lakhe ebhentshini. Kugcine kuwina isotsha wabuyela ePitori ephoxekile uKaitano Tembo neqembu lakhe.

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.