INingizimu Afrika idlale neZambia seyicabangela eyandulela owamanqamu

INingizimu Afrika idlale neZambia seyicabangela eyandulela owamanqamu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

INingizimu Afrika idlulelele kweyandulela owamanqamu weCosafa Cup yize idlale ngokulingana neZambia kuba ngu 0-0, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesithathu.

IBafana Bafana iye kulo mdlalo ivele isizibekisele indawo esigabeni esilandelayo ngoba ngoLwesibili ibhaxabule iLesotho ngo 4-0 onzima. Empeleni iqembu lakuleli lidlala kahle kakhulu kulo mqhudelwano ngoba alikashaywa futhi alikadedeli nelilodwa igoli.

Liqale ngokushaya iBotswana ngo 1-0, lashaya i-eSwatini ngo 1-0, lashaya iLesotho ngo 4-0 njengoba selidlale ngokulingana neZambia ngo 0-0.

Elinye iqembu elizodlulela phambili kuGroup A yi-eSwatini eqede imidlalo yamaphuzu isendaweni yesibili. I-eSwatini ibambane neBotswana ngo 1-1 ngoLwesithathu kodwa ibisivele izibeke ebuhleni ngokuwina imidlalo emibili.

Iqale ngokushaya iLesotho ngo 3-1, yase imangaza iZambia eyishaye ngo 1-0. Beyiqala i-eSwatini ukuwina ibhekene neZambia emlandweni wayo.

Emdlalweni wayizolo bekudlala abadlali beBafana abangajwayele ukuqala umdlalo. Kuyacaca ukuthi lokhu kwenziwe ukuze bathole ithuba nabo ngoba vele iqembu bese lizibekisele indawo kweyandulela owamanqamu.

INingizimu Afrika izodlala neMozambique kowandulela owamanqamu, kanti i-eSwatini izobhekana neSenegal. IZambia ikwaze ukuwina umdlalo owodwa kuphela kwemine eyidlalile. Iqede inamaphuzu amane njengoba idlale ngokulingana neBafana ngoLwesithathu.

FUNDA NALA: Uphinde wanyamalala uMahlambi kwiSundowns 

Leli qembu elicijwa uMilutin Sredojevic, owake waqeqesha i-Orlando Pirates, libukeke lixega kakhulu kulo mqhudelwano, nokufakazelwe ukushaywa nayi-eSwatini ebukeka izimisele kakhulu. IZambia iyona ebivikela iCosafa Cup njengoba ihluleke yancama ukudlulela phambili.

Namanje akakabuyi umqeqeshi weBafana uHelman Mkhalele okutholakale ukuthi uneCoronavirus ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.