INingizimu Afrika isethubeni lokunyusa ukuzethemba kweyeT20

INingizimu Afrika isethubeni lokunyusa ukuzethemba kweyeT20
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukuwina ngo 3-0 uchungechunge lwemidlalo yeT20 iNingizumu Afrika eyidlala ne-Ireland, kungenza amaProteas afike eNdebeni yoMhlaba eshayela phezulu.

INingizimu Afrika ihamba phambili ngo 2-0 kule midlalo, kanti izodlala umdlalo wokugcina ne-Ireland ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. Ngaphandle kokungabhethi kahle amaProteas abukeka elokhu ehlangana njengoba wonke amazwe elungiselela iNdebe yoMhlaba yeT20. Izokuba se-United Arab Amirates and Oman ngo-Okthoba.

Lo mqhudelwano bekuhlelwe ukuthi ube se-Australia ngo-Okthoba wonyaka odlule kodwa wahlehliswa ngenxa yokudlanga kweCoronavirus.

NgoLwesine ngesikhathi amaProteas eshaya i-Ireland ngama-run angu-42, umdlali oshaye into ecokeme nguDavid Miller. Lo mdlali weDolphins ushaye ama-run angu-75 ayisize kakhulu iNingizimu Afrika.

“Siwelwe amawikhethi amaningi kodwa sazama ukubuya. UWiaan (Mulder) ungenile wadlala kahle kakhulu. Uyakhula futhi kumnandi ukumbona edlala kahle kanje. Kube ukuvuka okuhle futhi kube mnandi ukuthi siphethe i-innings kahle,” kusho uMiller ngemuva komdlalo wangoLwesine.

UMiller kubhekeke ukuthi aphinde enze okufanayo eBelfast ngoMgqibelo njengoba amaProteas ezama ukuyishanela i-Ireland. Uncome indlela abadlala ngayo abashwibi bamaProteas.

FUNDA NALA: Ubudlelwano bePirates ne-Arrows bubukhali nganxanye 

“Badlala kahle kakhulu. Sinenhlanhla ukuba nadlali abashwibayo esinabo. Lapha ngikhuluma ngoShamsi (Tabraiz) noGeorge (Linde) abangena kahle kakhulu eqenjini lethu. Sinenkinga emnandi ngoba ngeke ubasebenzise bonke kodwa  benza umsebenzi omuhle kakhulu,” kubeka uMiller.

Akwaziwa noma umqeqeshi uMark Boucher benokaputeni uTemba Bavuma, bazovumelana ngokubaphumuza yini abanye abadlali, bese banike abanye ithuba. INingizimu Afrika ivele isiluwinile uchungechunge lwemidlalo yeT20 ngakho lokhu kungasho ukuthi bangathi ukulishintsha kancane iqembu emdlalweni wokugcina.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.